Isolezwe

UMahumapel­o uvunwe yijaji

- SIVIWE FEKETHA

BANENGEKIL­E BASIFANISA NESIKESHI ESOZALO

Nhlanhla King Nkeshemba Nene: Uzalo opopayi abadlala ebusuku. Ngiyaqala ukubuka imbudane enje yomdlalo. Angazi noma babuka iziqephu zalama filimu aseNigeria yini bese bewaletha esiZulwini.

NguMusa Nkomzwayo: Mancane amathuba okuthi ungasuka ekhaya labadala eliwuZalo uye kwenye indawo uyolingisa khona...ngathi isikeshi sika Sonto sikole, naso singcono futhi sisuke senziwa izingane ezingazi lutho.

Nkosinathi Junior Mthembu: Imbewu engabe idlala ngesikhath­i esifanayo noZalo.

AKUKHO OKUSHA OKUZOVELA KWI-SONA: ABAHLAZIYI

Siphamandl­a Borex Zwane: Okusha ukuthi basitshele ukuthi sisebenza nini? inyanga, usuku nesikhathi ngiqedile.

Masta P Alabama: kungavela noma kungangave­la, vele akukho okugcina kwenzekile.

Joe Man: Sizobe sifunzwa leso sinkwa semihla ngemihla “Amanga” Noma

ISIKHALO NGOKUQASHW­A KWABE FUNZA LUSHAKA

Zolani Mazola Madlala: Lokho kunokwenze­lela phakathi. Kuthiwe akwenziwe njani ngalaba abazikhokh­ele nabafundis­we iNSFAS? Uhulumeni akayicubun­gule kahle le.

Thamsanqa Gumede: Abantu kumele banikezwe amathuba afanayo. Kuzokwenzi­wani ngalaba bantu abakweleta izikhungo zemfundo ephakeme uma bengaqashw­a?

BEKUYINJAB­ULO yodwa eNkantolo eNkulu iSouth Gauteng izolo ngesikhath­i ijaji linquma ukuthi uSihlalo we-ANC, eNorth West owakhishwa esikhundle­ni, uMnuz Supra Mahumapelo nesigungu sakhe babuyiselw­e ebuholini.

Ijaji lithe ukuchithwa kobuholi boMahumape­lo babungekho emthethwen­i.

Ubuholi boMahumape­lo buchithwe ngo-Okthoba nyakenye yisigungu esiphezulu se-ANC safaka ubuholi besikhasha­na obuholwa uNdunankul­u, uMnuz Job Mokgoro.

Ukukhishwa kukaMahuma­pelo nesigungu sakhe kwalandelw­a imibhikish­o enodlame, nokwaholel­a ekutheni ubuholi bukazwelon­ke bungenelel­e. Amalungu omphakathi abekhala ngokuthi uhulumeni we-ANC, eNorth West awusebenzi futhi ugcwele inkohlakal­o.

OMahumapel­o udaba lwabo balufaka enkantolo ngenhloso yokuthi kubuyekezw­e isinqumo sokuchithw­a kwabo.

IJaji Fayeeza Kathree-Setiloane lithe ubuholi bukazwelon­ke bahluleka ukuxoxisan­a nezinhlaka eziphansi ngaphambi kokuthi buthathe isinqumo. “Ukuhlakazw­a kobuholi besifundaz­we kwahambisa­na nobundlovu kayiphikis­wa ngoba akuzange kuxoxiswan­e namagatsha ngaphambi kokuba kufinyelel­we kwisinqumo,” kusho uKathree-Setlloane.

Uthe lesi sinqumo sasingenab­o ubulungisw­a futhi saphula imigomo yeqembu.

Ijaji liqhube lathi ubuholi bukazwelon­ke bahluleka futhi ukunikeza izizathu zokuthi kungani buhlakaza ubuholi besifundaz­we.

Kwenzeka lokhu nje, ubuholi boMahumape­lo busalelwe izinsuku ezintathu kuphela ukuthi buphelelwe isikhathi ehhovisi.

UMnuz Zizi Kodwa osehhovisi likaMengam­eli Cyril Ramaphosa kwi-ANC uthe bazosiphon­sela inselelo isinqumo senkantolo sokuthi kubuyiswe ubuholi besifunda saseNorth West obahlakazw­a.

 ??  ??
 ??  ?? USIHLALO we-ANC eNorth West omisiwe uMnuz Supra Mahumapelo inkantolo izolo enqume ukuthi abuyiselwe esikhundle­ni
USIHLALO we-ANC eNorth West omisiwe uMnuz Supra Mahumapelo inkantolo izolo enqume ukuthi abuyiselwe esikhundle­ni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa