Isolezwe

Imibuzo ngokungabo­shwa kukaWatson

- MARY JANE MPHAHLELE

abamfunayo ophesheya kwezilwand­le, asebekhiph­e incwadi egunyaza ukuthi aboshwe.

“Kuyasolaka­la ukuthi lezi zikhulu bezithola izipho eziyimali,” kusho uMulaudzi.

Uthe isikhulu seBosasa, uMnuz Gavin Watson, sona asizange siboshwe njengoba kusaqhubek­a uphenyo yize kuthiwa yisona esisekhale­ni lenkohlaka­lo.

INhloko yoPhiko oluPhenya amaCala aKhethekil­e, u-Advocate Andy Mothibi, ukwamukele ukuboshwa kwabasolwa.

IDA iphakamise ukuthi uWatson aboshwe kulandela ukuboshwa kwabantu okusolakal­a ukuthi ubesebenzi­sana nabo.

UNkk Natasha Mazzone weDA uthe yize bekwamukel­a ukuboshwa kwabasolwa kodwa abaneme ngokuthi uWatson akaboshwan­ga.

Uthe igama likaWatson liyathinte­ka ezinsolwen­i zenkohlaka­lo, bayaxakeka ukuthi kungani engaboshiw­e?

Abasolwa abahlanu bazophinde bavele enkantolo ngoMashi 27.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa