Imibuzo ngokungaboshwa kukaWatson
abamfunayo ophesheya kwezilwandle, asebekhiphe incwadi egunyaza ukuthi aboshwe.
“Kuyasolakala ukuthi lezi zikhulu bezithola izipho eziyimali,” kusho uMulaudzi.
Uthe isikhulu seBosasa, uMnuz Gavin Watson, sona asizange siboshwe njengoba kusaqhubeka uphenyo yize kuthiwa yisona esisekhaleni lenkohlakalo.
INhloko yoPhiko oluPhenya amaCala aKhethekile, u-Advocate Andy Mothibi, ukwamukele ukuboshwa kwabasolwa.
IDA iphakamise ukuthi uWatson aboshwe kulandela ukuboshwa kwabantu okusolakala ukuthi ubesebenzisana nabo.
UNkk Natasha Mazzone weDA uthe yize bekwamukela ukuboshwa kwabasolwa kodwa abaneme ngokuthi uWatson akaboshwanga.
Uthe igama likaWatson liyathinteka ezinsolweni zenkohlakalo, bayaxakeka ukuthi kungani engaboshiwe?
Abasolwa abahlanu bazophinde bavele enkantolo ngoMashi 27.