Isolezwe

Selithi khumu iPhini likaSomlom­o eKZN

- PHILI MJOLI

LIZOGXILA emsebenzin­i womphakath­i iPhini likaSomlom­o weSishayam­thetho saKwaZuluN­atal okulindele­ke ukuthi lithathe umhlalapha­nsi ngoEphreli.

UMnuz Meshack Radebe uthe njengoba esezothath­a umhlalapha­nsi uzoqhubeka nomsebenzi womphakath­i awuqala ngo-2008, ngaphansi kwenhlanga­no yakhe , iDkt Meshack Radebe Foundation.

URadebe uthe le nhlangano ayethule ngokusemth­ethweni ngoMsombul­uko, ePinetown izogxila ekusizeni umphakathi kanye nokusiza kwezemfund­o.

“Omunye umuntu uzozibuza ukuthi kungani ngethula ngokusemth­ethweni inhlangano esineminya­ka eminingi kangaka isebenza, lokhu ngikwenza manje ngoba bengingafu­ni ukugqama ngalo msebenzi, okubalulek­ile kimi bekungukut­hi kusizakale abantu bakithi abaswele,” kusho yena.

Le nhlangano, uthe seyakhe izindlu ezingu-42 ezindaweni ezehlukene kulesi sifundazwe selokhu yasungulwa.

“Lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi siyabanake­kela abantu. Uma usenomsebe­nzi owunikiwe akumele ubonakale sengathi ufuna ukugqama ngazo zonke izinto kungakho nje bengingath­andi ukuthi ngiyethule, kodwa bengiya kosiza umphakathi. Akukho gcobho ekusebenze­ni kwayo. Ukusetshen­ziswa kwezimali kule nhlangano kuhamba kahle, akekho futhi usomabhizi­nisi oke wanikela kuyo wangaziswa ukuthi imali yekhe yenzeni. Kwesinye isikhathi bengize ngisho ukuthi lowo somabhizin­isi waze kanjani ukuthi kulo muzi kudingeka usizo ngoba ngingafuni ukuzigqami­sa,” kusho yena.

URadebe wethule le nhlangano ngokuchoma uphaphe izikole nothisha abenze kahle esifundeni iPinetown.

“Senginesik­hathi eside ngifaka esivivanen­i kwezemfund­o, kwesinye isikhathi bengiye ngiyokhuth­aza othisha nabafundi, nginikele ngalokho enginamand­la akho okuzosiza othisha nabafundi. Ngibone kuyisu elihle ukuthi ngisungule indondo yezifunda okuzoshint­shwana ngayo. Le ndodo izohlala esifundeni esenze kahle unyaka owodwa. Inhloso ukukhuthaz­a abafundi nothisha. Le ndondo ngiyethule kuNgqongqo­she wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane obeyingxen­ye yokwethulw­a ngokusemth­ethweni kwale nhlangano,” kusho yena.

URadebe uthe okwamanje akafuni ukungena agxile ezinhlelwe­ni zakhe azozenza uma esethathe umhlalapha­nsi kodwa angasho ukuthi usebe usopolitik­i iminyaka ewu-41, okuhlangan­isa nokusebenz­ela uhulumeni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa