Umthetho awuyeke ukubatotosa abafuyi bezinja eziwuvanzi
NGOLWESIBILI sibike ngokushona ngesihluku kukagogo waseSweetwaters ngaphandle kwaseMgungundlovu obulawe izinja zakwamakhelwane.
Kuthiwa uNkk Philipina MaMkhize Dlomo (85) udephunwe yizinja ezibalelwa kwezingu-20 ezifuywe ngumakhelwane ongabiyile.
Kuthiwa akukhona okokuqala ukuthi lezi zinja zilume abantu endaweni njengoba nasekhaya lazo kungabiyiwe.
Abantu abazikhonzile futhi abazifuyile izinja emakhaya abathintwa indlela abazivikela ngayo izingcanga zabo, ubona ngokuthi uma ufika emizini yabo ukhombisa ukuyesaba inja bajaha kabi ukuthi “khululeka ayilumani, ibathanda kabi abantu.”
Kulikhuni kubantu abathanda izinja ukuqonda nokwamukela ukuthi lezi zilwane abazifuyile bezibona zizinhle nje bona futhi mhlawumbe bezibona ziwusizo ngoba abanye bazisebenzisela ukuxosha izigebengu kodwa umthetho wazo ziyingozi futhi uma umuntu ekhombisa ukuzisaba noma ukungazithandi kumele bakuhloniphe lokho.
Yebo umnikazi walezi zinja ezibulale ugogo uMaMkhize ubengazithumanga kodwa uqondeni ngokuhlala nezinja ezingu-20 bese ejika lapho angabiyi? Uthi umphakathi owakhelene naye awuhlale kanjani nalezi zinja?
Ngokusho kwabakwa-SPCSA, abakukhuthazi ukuthi umuntu afuye izinja ezingaphezu kwezine egcekeni. Bathi umuntu ofuya ezingaphezu kwezine, uma sezimehlula, baya enkantolo bayocela imvume yokumephuca izinja.
Sebezithathile nazo lezi abazificile eSweetwaters yize bengazitholanga zonke ngoba ezinye kuthiwa zibalekile.
Kodwa lokho akwanele futhi kungenye yezimbangela eyenza abanikazi bezinja babe budedengu ngoba bazi ukuthi bazojeziswa ngokuthi baphucwe izinja kuphela.
Akwanele ukuphucwa izinja, umnikazi walezi zinja kumele avulelwe icala lokubulala futhi kuyaxaka nokuthi kungani kuze kube yimanje engaboshiwe ngoba kukhona umuzi ohlezi emakhandleleni ngenxa yezinja zakhe.
Asinqabile, abathanda izinja kulungile abazifuye kodwa uma behluleka ukulawula izingcanga zabo zize zikhiphe isidumbu, umthetho awuyeke ukubatotosa.