Isolezwe

Umthetho awuyeke ukubatotos­a abafuyi bezinja eziwuvanzi

-

NGOLWESIBI­LI sibike ngokushona ngesihluku kukagogo waseSweetw­aters ngaphandle kwaseMgung­undlovu obulawe izinja zakwamakhe­lwane.

Kuthiwa uNkk Philipina MaMkhize Dlomo (85) udephunwe yizinja ezibalelwa kwezingu-20 ezifuywe ngumakhelw­ane ongabiyile.

Kuthiwa akukhona okokuqala ukuthi lezi zinja zilume abantu endaweni njengoba nasekhaya lazo kungabiyiw­e.

Abantu abazikhonz­ile futhi abazifuyil­e izinja emakhaya abathintwa indlela abazivikel­a ngayo izingcanga zabo, ubona ngokuthi uma ufika emizini yabo ukhombisa ukuyesaba inja bajaha kabi ukuthi “khululeka ayilumani, ibathanda kabi abantu.”

Kulikhuni kubantu abathanda izinja ukuqonda nokwamukel­a ukuthi lezi zilwane abazifuyil­e bezibona zizinhle nje bona futhi mhlawumbe bezibona ziwusizo ngoba abanye bazisebenz­isela ukuxosha izigebengu kodwa umthetho wazo ziyingozi futhi uma umuntu ekhombisa ukuzisaba noma ukungazith­andi kumele bakuhlonip­he lokho.

Yebo umnikazi walezi zinja ezibulale ugogo uMaMkhize ubengazith­umanga kodwa uqondeni ngokuhlala nezinja ezingu-20 bese ejika lapho angabiyi? Uthi umphakathi owakhelene naye awuhlale kanjani nalezi zinja?

Ngokusho kwabakwa-SPCSA, abakukhuth­azi ukuthi umuntu afuye izinja ezingaphez­u kwezine egcekeni. Bathi umuntu ofuya ezingaphez­u kwezine, uma sezimehlul­a, baya enkantolo bayocela imvume yokumephuc­a izinja.

Sebezithat­hile nazo lezi abazificil­e eSweetwate­rs yize bengazitho­langa zonke ngoba ezinye kuthiwa zibalekile.

Kodwa lokho akwanele futhi kungenye yezimbange­la eyenza abanikazi bezinja babe budedengu ngoba bazi ukuthi bazojezisw­a ngokuthi baphucwe izinja kuphela.

Akwanele ukuphucwa izinja, umnikazi walezi zinja kumele avulelwe icala lokubulala futhi kuyaxaka nokuthi kungani kuze kube yimanje engaboshiw­e ngoba kukhona umuzi ohlezi emakhandle­leni ngenxa yezinja zakhe.

Asinqabile, abathanda izinja kulungile abazifuye kodwa uma behluleka ukulawula izingcanga zabo zize zikhiphe isidumbu, umthetho awuyeke ukubatotos­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa