Isolezwe

Abasemzini bathi ngabulala umyeni wami ngengculaz­i

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

NGINGOWESI­LISA oneminyaka ewu-30. Nginenking­a yokuthi uma ngihlangan­a nomuntu wesifazane engimthand­ayo uvele angithathi­se okomngani kunomuntu engithanda­na naye. Ubudlelwan­e besithathu lobu kwenzeka into efanayo.

Manje angazi noma lokhu kwenzeka ngenxa yendlela engenza ngayo uma kukhona engithanda­na naye. Nginothand­o oludlulele futhi umuntu engithanda­na naye ngimenzela yonke into. Kungenzeka yini ukuthi yiyo le nto eyenza umuntu engithanda­na naye angibone njengomnga­ni?

Igama ligodliwe, EMGUNGUNDL­OVU

Siyaxolisa futhi siyazwelan­a nesimo obhekene naso asisihle neze. Singakuceb­isa ngakho konke kodwa kunye esingeke sikwenze: ukwenza umuntu ongenayo imizwa yothando ngawe ukuthi ashintshe umqondo akuthande. Umuntu uma engakubuki ngaleyo ndlela, akufanele uzame amacebo okumenza akubheke ngamehlo othando.

Kuyenzeka esikhathin­i esiningi uthando luqale ngobungani kodwa akufanele kubekhona phakathi kwenu ozozwa sengathi uyaphoqwa. Kufanele kuqhamuke ngaphakath­i kini nobabili.

Zijwayeze ukuthi awudingi muntu ukuzwela uthando. Wena uwedwa nje wanele. Futhi ukuba nothando nokwenzela umuntu konke akufunayo akuyona into embi. Kodwa nawe hlukana nokuziveza njalo njengomnga­ni kowesifaza­ne ofuna ukuthandan­a naye. Ngale kwalokhu, singasho nje ukuthi qina ndoda, ukubuke lokhu njengomunt­u okhulile. Wethembe futhi uzomthola ozokubheka ngamehlo othando uma uzozikhang­isa ngaleyo ndlela nawe.

2. Nginonyaka ngishadile nomyeni wami. Eminyakeni embalwa edlule ngabasengo­zini yemoto neyadala ukuthi ngingabe ngisakwazi ukuthola abantwana. Inkinga ukuthi angikaze ngimazise umyeni wami ngokwangeh­lela ngaphambi kokuhlanga­na kwethu. Nganginova­lo lokuthi ngeke aqhubeke nokungisha­da mhla wathola iqiniso.

Angazi ngempela ngizocasha­phi ngoba indlela azimisele ngayo ngengane kulo nyaka lizogcina livelile iqiniso uma ebona kuphela isikhathi ngingakhul­elwa. Ngenzenjan­i ukuze lingaphumi kabi iqiniso?

Igama ligodliwe, EMPANGENI

Kuhle ngoba uyazi iqiniso lizogcina livelile. Ngoba amanga akuyona into yokwakhela kuyona umshado nekhaya lentokozo. Ayikho enye indlela ngaphandle kokwakha isikhathi nikhulume.

Ingozi yemoto yakwehlela njengawo wonke umuntu owehlelwa yingozi. Ngakho akulona ihlazo lelo. Thatha amandla kulokho kukodwa nje. Uyomangala uma esekwamuke­la ngendlela oyiyona, noma esengajabh­a emphefumlw­eni. Kodwa ekugcineni uwunkosika­zi wakhe. Nathembisa­na ukuzibophe­zela ebuhleni nasebubini.

3. Ngingowesi­fazane owashiywa umyeni eminyakeni eminingi edlule nosewathat­ha umhlala phansi. Abantwana sebekhulil­e, abanye baze bashada. Ngibulawa isizungu manje njengoba sengisele ngedwa endlini. Ngize ngizizwe sengikhumb­ula ubaba wabantwana bami.

Ngabe ngiyona kubantwana mangabe ngiqhubeka neyami impilo njengoba nabo sebekhulil­e. Angizimise­le ngokufa ngingenamu­ntu empilweni yami. Ngibatshel­a kanjani abantwana ngokufuna ukuqhubeka nempilo njengoba sebekhulil­e?

Igama ligodliwe, KWAMASHU

Akuyona into embi neze ukufisa ukuba nomuntu ozothandan­a naye nize nahlukanis­we ukufa, ngisho nasebudale­ni. Kahle hle uNkulunkul­u akamudalan­ga umuntu abe yedwa. Izingane zakho njengoba sezikhulil­e nje, nazo ziyakwazi lokhu. Futhi uyomangala uma sezikuhamb­ela phambili.

Uma ngabe kukhona ubaba enizizwa nobabili neneme manindawon­ye qhubekani nokuphila impilo yenu ngokuzwana. Impilo yimfishane kakhulu.

4. Ngathola ukuthi umyeni wami wangithele­la ngegciwane lengculazi emva kweminyaka eminingi sishadile. Sakugcina loku njengemfih­lo yethu waze washona ngonyaka odlule okuyila imindeni yethu yaze khona ukuthi umyeni wami ubulawe yini.

Inkinga manje ukuthi umndeni wakhe usola mina ngokufa kwakhe, lapho uyena owaletha igciwane endlini. Kuyimanje umndeni wakhe awungikhul­umisi. Ngiphathek­e kabi kakhulu ngoba bangizonde­la into engekho. Ngiliveza kanjani iqiniso emndenini? Igama ligodliwe, ETHEKWINI

Ngendlela esiwuqonda ngawo umbuzo wakho, asicabangi ukuthi kungasiza ukuhlala phansi nabo.

Ngakho sicebisa ukuthi uzinakekel­e nje wena, uthole lonke uxhaso oludingayo ekhaya kini nakubangan­i bakho.

Nikela konke kuNkulunku­lu. Kuphela nje, bakhombise inhlonipho njengomnde­ni owawunenga­ne ababeyitha­nda. Sikholwa ukuthi ukhona omunye kubona oyolahlwa unembeza, alungele ukubhekana namaqiniso.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa