Sibanga amanzi nezinkomo ikhansela alisisizi
Okhathazekile KWAMHLABUYALINGANA MHLELI: Ngibhala le ncwadi ngenhliziyo ebuhlungu ngenxa yomuntu ongakwazi ukucabanga.
Ngiyadumala uma ngibona umuntu osacabanga ukuthi uyathakathwa noma umndeni wakhe uyathakathwa kulesi sikhathi samanje ekubeni izifo sezingaka.
Iseluleko sami sithi uma ubona izinto zingahambi kahle ngokwempilo kungcono uqale ufune usizo. Uhulumeni wakha imitholampilo yamahhala ngakho kungcono uyofuna usizo khona.
Okunye ongakwenza hlala emthandazweni ngoba uNkulunkulu akahlulwa yilutho. Uma ungasizakali kulezi zinto esengizibalile usungalandela amasiko uhambe uyohlola.
Ngiyafisa ukuthi uhulumeni ake afake isandla emphakathini waKwaSofela ngoba ikhansela lakhona ku-ward 12 selokhu labekwa akukho elikwenzile. Kumanje siphuza nezinkomo kanti nezinja zibhukuda khona lapho sikha khona amanzi. Sengikhalela lezi zingane ezincane ezinye ezisenamasonto zizelwe eziphuza wona la manzi okubhukuda kuwona izinja.
Cha ngiyalivuma ikhansela lethu. Alisisizi ngalutho. Ngiyathemba ukuthi uhulumeni wethu uzolulungisa lolu daba ngoba zizogula izingane nabantu nje bonke. Sithembiso Mazibuko LEE FARM