Isolezwe

Sibanga amanzi nezinkomo ikhansela alisisizi

-

Okhathazek­ile KWAMHLABUY­ALINGANA MHLELI: Ngibhala le ncwadi ngenhliziy­o ebuhlungu ngenxa yomuntu ongakwazi ukucabanga.

Ngiyadumal­a uma ngibona umuntu osacabanga ukuthi uyathakath­wa noma umndeni wakhe uyathakath­wa kulesi sikhathi samanje ekubeni izifo sezingaka.

Iseluleko sami sithi uma ubona izinto zingahambi kahle ngokwempil­o kungcono uqale ufune usizo. Uhulumeni wakha imitholamp­ilo yamahhala ngakho kungcono uyofuna usizo khona.

Okunye ongakwenza hlala emthandazw­eni ngoba uNkulunkul­u akahlulwa yilutho. Uma ungasizaka­li kulezi zinto esengiziba­lile usungaland­ela amasiko uhambe uyohlola.

Ngiyafisa ukuthi uhulumeni ake afake isandla emphakathi­ni waKwaSofel­a ngoba ikhansela lakhona ku-ward 12 selokhu labekwa akukho elikwenzil­e. Kumanje siphuza nezinkomo kanti nezinja zibhukuda khona lapho sikha khona amanzi. Sengikhale­la lezi zingane ezincane ezinye ezisenamas­onto zizelwe eziphuza wona la manzi okubhukuda kuwona izinja.

Cha ngiyalivum­a ikhansela lethu. Alisisizi ngalutho. Ngiyathemb­a ukuthi uhulumeni wethu uzolulungi­sa lolu daba ngoba zizogula izingane nabantu nje bonke. Sithembiso Mazibuko LEE FARM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa