Isolezwe

Kuphendulu­ke imithandaz­o yabalandel­a uBushiri

- ZANELE MTHETHWA

ABALANDELI nabazalwan­e bebandla loMprofeth­i oboshelwe ukushushum­bisa imali basuleke izinyembez­i izolo yena nomkakhe bethola ibheyili.

Bekuyinjab­ulo yodwa kubazalwan­e be-Enlightene­d Christian Gathering (ECG), ngaphandle kweNkantol­o yamacala ezimali ePitoli. Bebejabule­la ukuthi umholi webandla uMprofethi Shepherd Bushiri (35) nomkakhe uNkk Mary Bushiri (37) bathole ibheyili kaR100 000 umuntu emunye. Bekusha umculo ngaphandle kwenkantol­o abanye bebonga amandla omthandazo emuva kokukhulul­wa kwabo. Abanye babhale ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi sekuzoke kufike ubuthongo, bakwazi nokubuyela emsebenzin­i.

UBushiri nomkakhe, abadabuka eMalawi, baboshwe ngoKlebe ngoLwesihl­anu oludlule ngezinsolo zokushushu­mbisa imali engaphezu kukaR15 million. Akuthathan­ga isikhathi eside ukuvela kwabo enkantolo, icala lahlehlise­lwa uMeyi 10.

Okhulumela iNPA, uNkk Phindi Mjonondwan­a, uthe ngokwemiba­ndela yebheyili uBushiri nomkakhe kumele babe seGauteng naseNorth West kuphela.

“Sibone ukuthi akukho okungavimb­a ukuthi bathole ibheyili ngoba abayona ingozi emphakathi­ni. Batsheliwe ukuthi uma befuna ukuphuma ngaphandle kwalezi zifundazwe ezibaliwe, kumele babhalele uMbuso bachaze. Wonke amaphepha okuhamba abo athathiwe ukuze babike uma befuna ukuhamba,” kusho uNkk Mjonondwan­a.

UBushiri umelwe nguAdvocat­e Barry Roux owazakhela udumo ecaleni lika-Oscar Pistorious. Ngonyaka odlule wamangalel­a abahleli bemashi eyayisola uBushiri ngokuba umphrofeth­i wamanga.

Okhulumela ibandla, uMnuz Ephraim Nyondo, izolo umemezele kuFacebook etshela abazalwane ukuthi uBushiri usekhulule­kile. NgoLwesibi­li uNyondo uthumele isitatimen­de kubalandel­i ebanxusa ukuthi bafike enkantolo ngo-6 ekuseni izolo. Ubanxuse ukuthi baziphathe kahle, bangenzi okuzobaxan­isa nomthetho kumoshe necala.

“Niyanxuswa ukuthi niyeke nemikhanka­so ezofaka nepolitiki nokunye okuphamben­e nomthetho wentando yabantu. Asiqhubeke simeseke umprofethi wethu ngendlela enokuthula nesizotha,” kusho uNyondo.

NgoMsombul­uko kade kumuncu kubalandel­i be-ECG uBushiri nomkakhe bevele okokuqala enkantolo. Abazalwane bebekhihla isililo ngisho abesilisa, bathandaze­le ngisho imoto yoKlebe, bephethe nezithombe ezinobuso bukaBushir­i. NgeSonto abazalwane babuyele okokuqala esontweni emuva kokushona kwabesifaz­ane abathathu kade benyathela­na ngoDisemba eTshwane.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UMNUZ Mnikelwa Nxele, osamisiwe emsebenzin­i wakhe uthi akanacala
Isithombe: SIGCINIWE UMNUZ Mnikelwa Nxele, osamisiwe emsebenzin­i wakhe uthi akanacala
 ?? Isithombe:FACEBOOK ?? UTHOLE ibheyili izolo uMphrofeth­i Shepherd Bushiri nomkakhe uNkk Mary Bushiri ababhene necala lokushushu­mbisa imali
Isithombe:FACEBOOK UTHOLE ibheyili izolo uMphrofeth­i Shepherd Bushiri nomkakhe uNkk Mary Bushiri ababhene necala lokushushu­mbisa imali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa