ISadtu imangalela abathi uCaluza akanazicucu
I-SADTU ithathele izinyathelo inyunyana entsha yothisha iSouth African Liberated Public Sector Workers Union (SALIPSWU) eholwa ngowayengumengameli weSadtu owaxoshwa, uMnuz Thobile Ntola, ngokudicilela phansi isithunzi sale nyunyana.
Le nyunyana ibopha noMnuz Mbuyiseni Mathonsi, owayengunobhala wale nyunyana KwaZulu-Natal ngokuthi wathi uNksz Nomarashiya Caluza, uNobhala weSadtu esifundazweni, akanazo iziqu zokufundisa kanjalo no-matric.
UNobhala-jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe esithangamini sabezindaba seSALIPSWU ngeledlule, laba baholi benza izitatimende ngeSadtu nangabaholi bayo okubalwa nendaba yokuthi le nyunyana ilawula ezinye zezinhlaka zikahulumeni.
Okunye ngukuthi iSALIPSWU yathi omunye umholi weSadtu wanikwa imali yiSace (South African Educators Council) ukuze angcwabe nokuthi omunye wabaholi wabolekwa imali enguR120 000 yiSace.
UMaluleke uthe kunomyalezo osabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho kuthiwa iSadtu kumele ihlaselwe kuphinde kucekelwe phansi isithunzi sabaholi bayo ukuze kube yizindlela zokuyiphuca amandla.
“ISALIPSWU ibonakala izama ukuheha amalungu ngokucekela phansi isithunzi seSadtu. Siyazi abantu banelungelo lokukhuluma noma yini kodwa kumele bakwenze lokho besebenzisa umthetho. UNtola noMathonsi bacekela phansi isithunzi ngoba befuna ukunakwa ngumphakathi,” kusho uMaluleke.
Uthe baye enkantolo ngoba befuna ukubavimba ukuthi bangalokhu bedicilela phansi igama leSadtu nabaholi bayo.
“Yingakho abameli bethu sibayalele ukuthi baqhubeke babafake kwezomthetho oNtola, Mathonsi neSALIPSWU. Sifuna bavezele inkantolo ngezinsolo abazibeke iSadtu kanjalo nabaholi bayo,” kusho uMaluleke.
Unxuse amalungu ukuthi alwe nodlame ezikoleni nokuxhashazwa kwabasebenzi.
“Sifuna oNtola noMathonsi bakhokhe uR300 000 ngokudicilela ilungu ngalinye lenyunyana,” kuphetha uMaluleke.