‘Amaphoyisa awaqinise isandla eCato Manor’
UNGQOGQOSHE wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, usenxuse abezomthetho eCato Manor ukuthi baqinise isandla ukuze kwehle izinga lobugebengu, ikakhulukazi ukubulala.
UKaunda ubenomhlangano nezinhlaka ezehlukene kule ndawo emuva kokufika kwakhe okokuqala ngoDisemba ngonyaka odlule.
Izibalo zikhomba ukuthi kwashona abantu abawu-41 kusukela ngoEphreli kuya kuNovemba nyakenye ezindaweni ezisetshenzwa yilesi siteshi. Lesi sibalo sikhuphukele ku-57 ngoJanuwari 2019.
Ngemuva kokuvakasha kukaNgqongqoshe amaphoyise abe nemikhankaso eyehlukene eholele ekutheni kuboshwe abantu abawu-23 ngamacala okubulala. Amaphoyisa aphinde athola izibhamu eziwu-15 ngesikhathi enale mikhankaso.
Amaphoyisa athe ukwanda kwezibhamu ezingekho emthethweni nezindawo ezidayisa utshwala ezingabhalisiwe yikho okuyimbangela yokubhebhetheka kobugebengu endaweni.
UKaunda ugcizelele ukubaluleka kokusebenzisana phakathi kwamaphoyisa, osomabhizinisi nomphakathi ukuze kunqotshwe ubugebengu.
“Ukubambisana namabhizinisi, izinhlangano abezenkolo nezinhlangano ezizimele kubalulekikile ngoba ubugebengu buthinta wonke umuntu,” kusho uKaunda.
UKaunda uthe kuzoqiniswa isandla ukuze kuliwe nobugebengu ezindaweni ezehlukene esifundazweni ezihlaselwe yisihlava sobugebengu.
“Ngesonto eledlule benginomhlangano nabaphathi bamaphoyisa kulesi sifundazwe ukuhlongoza iqhinga lokubhekana nezindawo ezinobugebengu. Nginethemba lokuthi leli qhinga lizosebenza,” kusho uKaunda.