Isolezwe

Ithuba lokwandisa umnotho wabamnyama

- MLUNGISI GUMEDE

nosondonzi­ma kumaFranch­ise, bathole nokuchushi­swa ngaleli bhizinisi.”

Lo mbukiso uzudonsa izinsuku ezimbili kusukela ngoMashi 8 eDurban Exhibition Centre. Bangaphezu kuka-40 osomabhizi­nisi okulindele­ke ukuthi babe yingxenye yalo mbukiso abasemikha­kheni ehlukene okubalwa owezobuhle, ubuchwephe­she, ezokuvakas­ha neminye.

Kulezi zinsuku ezimbili kuzoba nezikhulum­i ezahlukene ukuchushis­a osomabhizi­nisi abancane kulo mkhakha.

Umkhakha weFranchis­ing ubalwa neminye ekhulisa umnotho kuleli. Ngokombiko wangonyaka odlule weFasa kuvela ukuthi lo mkhakha ufaka u-15.7% emnothweni wakuleli. Kuthiwa angaphezu kuka-850 amaFranchi­se kuleli ezitolo ezingaphez­u kuka-41 000. Ngemininin­gwane yokubhalis­ela ukungena kulo mbukiso kungenwa kwi-website ethi: www.ife.co.za kanti kubiza uR50 ukungena ngosuku embukiswen­i. Uma uthenga ithikithi emnyango uR100. Izingane ezineminya­ka engaphansi kuka-16 zingena mahhala.

Eminye imininingw­ane iyatholaka­la kwi-website ethi:www.ithala.co.za noma ku-031 907 8911. SEKUVELE ithuba eliyingqay­izivele kumalungu omphakathi lokuthi azithuthuk­ise kwezomnoth­o ngokutheng­a amasheya ngenhloso yokwenza inzuzo.

Lolu hlelo luzoqhutsh­wa yinkampani egunyaziwe ukuphatha izimali zabantu i-ISAF Ithubaleth­u ephethwe ngabacwani­ngi zimali abanohlonz­e.

Ngalolu hlelo kuhloswe ukuqoqa uR250 million, ozosiza ekwakheni izindawo zokuhlala abafundi basezikhun­gweni zemfundo ephakeme. Lezi zindawo zizokwakhi­wa KwaZuluNat­al, Polokwane nase-Eastern Cape.

Isikhulu esiphezulu kule nkampani, uMnuz Owen Nkomo wenkampani Inkunzi Wealth Group, uthe inhloso yokudayisa lawa masheya ukusiza abantu abamnyama ukuthi bazithuthu­kise nokuthi kusizwe abafundi basezikhun­gweni zemfundo ephakame.

“Sizimisele ngokwakha imali engu-R250 million, ezosiza ekutheni kwakhiwe izindawo zokuhlala zabafundi basezikhun­gweni zemfundo ephakame ezifundazw­eni ezintathu iKZN, Polokwane nase-Eastern Cape,” kusho uNkomo.

Uthe bazimisele futhi ngokuthi bakhe nemibhede yokulala abafundi engu-20 000, eminyakeni engu-15, ezayo.

UNkomo uthe ukushoda kwezindawo zokuhlala zabafundi ngezinye zezingqina­mba okubhekwen­e nayo okumele zixazululw­a.

“Kuyabaphaz­amisa ekufundeni abafundi abahamba amabanga amade uma beya esikoleni, kuba ngcono kakhulu kulabo abasuke behlala eduze nesikole,” kusho uNkomo.

Uthe nabo bazimisele ngokuthi babambe iqhaza kwimfundo yabafundi.

“Leli elinye ithuba lokufukula abantu abamnyama elifana ncamashi neMTN Zakhele ne-Oceon Umhlanga, lapha umphakathi ukwazi ukuzitheng­ela amasheya ngenhloso yokukhulis­a umnotho wawo,” kusho uNkomo.

Uthe likhulu isasasa emphakathi­ni ngalolu hlelo njengoba bengaphezu kuka-3000, abantu asebebafon­ele, bebuza kabanzi ngalo.

“Kunebhodi eqokiwe okuyilo elizobheka ngeso lokhozi ukuqhubeka kwalolu hlelo. Ukuqokwa kwaleli bhodi kuhlose ukuvikela imali yabatshali­mali,” kusho uNkomo.

Uthe nabacwanin­gi-mabhuku bazoshints­hwa njalo ngemuva kweminyaka emine ngenhloso yokugwema le nto eyenzeka enkampanin­i iSteinhoff lapho kwacwilwa khona izimali zabatshali­mali.

Uthe bayafisa ukuthi inkampani bayifake nakwiJohan­nesburg Stock Exchange uma isifike kulelo zinga.

“Imali encane umuntu angayifaka nguR5 000, kanti uma unamandla ungafaka nangaphezu­lu,” kusho uNkomo.

Ngemininin­gwane ungashayel­a ku-(011) 466 1116 noma ungena kulewebsit­e ethi: www.isaf.co.za

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? SEKUMI ngomumo ngombukiso wamabhizin­isi eFranchisi­ng ozoba KwaZulu-Natal okokuqala, uNksz Pearl Bengu oyisikhulu esiphezulu seThala othi uzovulela amathuba osomabhizi­nisi abancane
Isithombe: SITHUNYELW­E SEKUMI ngomumo ngombukiso wamabhizin­isi eFranchisi­ng ozoba KwaZulu-Natal okokuqala, uNksz Pearl Bengu oyisikhulu esiphezulu seThala othi uzovulela amathuba osomabhizi­nisi abancane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa