Ithuba lokwandisa umnotho wabamnyama
nosondonzima kumaFranchise, bathole nokuchushiswa ngaleli bhizinisi.”
Lo mbukiso uzudonsa izinsuku ezimbili kusukela ngoMashi 8 eDurban Exhibition Centre. Bangaphezu kuka-40 osomabhizinisi okulindeleke ukuthi babe yingxenye yalo mbukiso abasemikhakheni ehlukene okubalwa owezobuhle, ubuchwepheshe, ezokuvakasha neminye.
Kulezi zinsuku ezimbili kuzoba nezikhulumi ezahlukene ukuchushisa osomabhizinisi abancane kulo mkhakha.
Umkhakha weFranchising ubalwa neminye ekhulisa umnotho kuleli. Ngokombiko wangonyaka odlule weFasa kuvela ukuthi lo mkhakha ufaka u-15.7% emnothweni wakuleli. Kuthiwa angaphezu kuka-850 amaFranchise kuleli ezitolo ezingaphezu kuka-41 000. Ngemininingwane yokubhalisela ukungena kulo mbukiso kungenwa kwi-website ethi: www.ife.co.za kanti kubiza uR50 ukungena ngosuku embukisweni. Uma uthenga ithikithi emnyango uR100. Izingane ezineminyaka engaphansi kuka-16 zingena mahhala.
Eminye imininingwane iyatholakala kwi-website ethi:www.ithala.co.za noma ku-031 907 8911. SEKUVELE ithuba eliyingqayizivele kumalungu omphakathi lokuthi azithuthukise kwezomnotho ngokuthenga amasheya ngenhloso yokwenza inzuzo.
Lolu hlelo luzoqhutshwa yinkampani egunyaziwe ukuphatha izimali zabantu i-ISAF Ithubalethu ephethwe ngabacwaningi zimali abanohlonze.
Ngalolu hlelo kuhloswe ukuqoqa uR250 million, ozosiza ekwakheni izindawo zokuhlala abafundi basezikhungweni zemfundo ephakeme. Lezi zindawo zizokwakhiwa KwaZuluNatal, Polokwane nase-Eastern Cape.
Isikhulu esiphezulu kule nkampani, uMnuz Owen Nkomo wenkampani Inkunzi Wealth Group, uthe inhloso yokudayisa lawa masheya ukusiza abantu abamnyama ukuthi bazithuthukise nokuthi kusizwe abafundi basezikhungweni zemfundo ephakame.
“Sizimisele ngokwakha imali engu-R250 million, ezosiza ekutheni kwakhiwe izindawo zokuhlala zabafundi basezikhungweni zemfundo ephakame ezifundazweni ezintathu iKZN, Polokwane nase-Eastern Cape,” kusho uNkomo.
Uthe bazimisele futhi ngokuthi bakhe nemibhede yokulala abafundi engu-20 000, eminyakeni engu-15, ezayo.
UNkomo uthe ukushoda kwezindawo zokuhlala zabafundi ngezinye zezingqinamba okubhekwene nayo okumele zixazululwa.
“Kuyabaphazamisa ekufundeni abafundi abahamba amabanga amade uma beya esikoleni, kuba ngcono kakhulu kulabo abasuke behlala eduze nesikole,” kusho uNkomo.
Uthe nabo bazimisele ngokuthi babambe iqhaza kwimfundo yabafundi.
“Leli elinye ithuba lokufukula abantu abamnyama elifana ncamashi neMTN Zakhele ne-Oceon Umhlanga, lapha umphakathi ukwazi ukuzithengela amasheya ngenhloso yokukhulisa umnotho wawo,” kusho uNkomo.
Uthe likhulu isasasa emphakathini ngalolu hlelo njengoba bengaphezu kuka-3000, abantu asebebafonele, bebuza kabanzi ngalo.
“Kunebhodi eqokiwe okuyilo elizobheka ngeso lokhozi ukuqhubeka kwalolu hlelo. Ukuqokwa kwaleli bhodi kuhlose ukuvikela imali yabatshalimali,” kusho uNkomo.
Uthe nabacwaningi-mabhuku bazoshintshwa njalo ngemuva kweminyaka emine ngenhloso yokugwema le nto eyenzeka enkampanini iSteinhoff lapho kwacwilwa khona izimali zabatshalimali.
Uthe bayafisa ukuthi inkampani bayifake nakwiJohannesburg Stock Exchange uma isifike kulelo zinga.
“Imali encane umuntu angayifaka nguR5 000, kanti uma unamandla ungafaka nangaphezulu,” kusho uNkomo.
Ngemininingwane ungashayela ku-(011) 466 1116 noma ungena kulewebsite ethi: www.isaf.co.za