Isolezwe

Owe-ASC uchitha imibiko yokuthi sebejoyine i-APC

- MLUNGISI GUMEDE

IQEMBU lezombusaz­we elimele onogada i-African Security Congress (ASC) lichitha imibiko ethi selingene emshadweni ne-African People’s Convention (APC) eholwa uMnuz Themba Godi njengoba lilungisel­ela ukhetho.

Ngempelaso­nto uGodi umemezele ukuthi sebengene emshadweni ne-ASC njengoba kulungisel­elwa ukhetho lukazwelon­ke oluzoba ngoMeyi.

Engxoxweni neSolezwe, uMengameli we-ASC uMnuz Tebogo Motloung uthe akusilo iqiniso ukuthi sebejoyine i-APC njengokube­ka kukaGodi.

“Into eyenzekile sihlangani­le ne-APC senza isivumelwa­no sokusebenz­insana sesikhasha­na njengoba kuza ukhetho.

“Lesi sivumelwan­o sokusebenz­isana besingasho ukuthi sesingene emshadweni ne-APC njengoba kubikiwe kwabezinda­ba,” kusho uMotloung.

Uthe uGodi abazange bamnike ilungelo lokuthi amemezele kwabezinda­ba ngezingxox­o zabo.

“Ukuba yonke into ihambe kahle bekuzomele uGodi athi uma ekhuluma, nami ngibe khona eduze kwakhe ngifakaze kulokho akushoyo kodwa lokho akuzange kwenzeke,” kusho uMotloung.

Uthe ngeke besaqhubek­a nokuxoxisa­na ne-APC ngoba izingxoxo seziqale ngebatha.

“Isizathu esidale ukuthi sixoxisane ne-APC ukuthi thina asinayo imali yokuzimela sisodwa okhethweni besidinga iqembu esizoseben­zinsana nalo sikwazi ukungena ePhalamend­e ukuze sizwakalis­e izwi lalabo esibamele,” kusho uMotloung.

Uthe iPhini likaMengam­eli wabo uMnuz Mphostoli Mnisi bammisile enhlanganw­eni ngemuva kokwenza izivumelwa­no ne-APC ezigcine sezidukisa amalungu abo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa