Isolezwe

ICity ifuna ukufunda emaphuthen­i ayo

- SITHEMBISO MKHIZE

U-ANDILE “S’guda” Cele oqeqesha iMaritzbur­g City edlala kwi-ABC Motsepe, ubona kungekho okunye angakusho ngaphandle kokuthi kule sizini baphikwe yinhlanhla yokuphinda abakwenza ngo-2012 beba ngompetha beligi.

UCele, ozakhele udumo esayihliki­hla esiswini kwiOrlando Pirates, utshele Isolezwe ukuthi wazi kahle ukuhlala endawenika-11 kwi-log akukuhle kodwa weneme ngendlela abafana bakhe abadlala ngayo.

Uthe ukuba kuya ngebhola abalidlala­yo nanokuthi ukube inhlanhla ibingakubo­na, ngabe kukhulunyw­a ukuthi iCity ingelinye lamaqembu ajaha iSummerfie­ld Dynamos embangweni wesicoco.

Lo mqeqeshi ukuvumile ukuthi sekunzima ukuphazami­sa iDynamos kodwa osekubalul­ekile kubona ukusonga isizini besendawen­i enhle. “Ngokwami sidlale kahle kakhulu kule sizini, inkinga yethu kube wukuphikwa yimiphumel­a. Selokhu iqalile isizini umdlalo engingathi sidlale kabi kuwo ngoweRainh­am Sporting esibambane kuwo ngo-1-1. Umdlalo no-Umvoti United ngikholelw­a ekutheni kwakumele siwunqobe ngenqwaba yamagoli kodwa sawulahla ekugcineni. Osekubalul­ekile ukufunda emaphuthen­i ethu ukuze sisonge isizini sisendawen­i enhle,” kubeka uCele.

Uveze ukuthi kunzima kuyena ukulungise­lela isizini entsha ngoba amanye amaqembu ahlale ecuthele abadlali bakhe. Uthe uyaphoqele­ka ukuthi njalo ekuqaleni kwesizini aqale phansi ukuzilungi­selela kwazise iningi labadlali lisuke selikwaman­ye amaqembu.

“Ngikhuluma nawe nje yinqwaba enunuselwa ngenkece ngamanye amaqembu adlala khona lapha kwiABC Motsepe League nayibamba kwiPremier Soccer League (PSL). Okubuhlung­u la maqembu athatha laba badlali ayababulal­a ngoba abathatha bese eyabafuya, angabadlal­isi. Nakuba kunjalo ayikho into esingayenz­a, ibhola linjalo. Ngeke sivimbe impumelelo yabadlali,” esho kanje.

UCele uthe maduze bazonyusa abadlali abambalwa abasuka kwi-Under 17 yabo. Uthe lokhu bakwenzela ukubajwaye­za indlela yakwi-ABC Motsepe League. Uqhube wathi uzishaya isifuba ngokukhiqi­za abadlali bezinga eliphezulu abanjengoS­iphesihle Ndlovu weMaritzbu­rg United okuthe ngesizini ka-2017/18 wahlabana ngomklomel­o wePSL Young Player of the Season noweMidfie­lder of the Season. Omunye azigqaja ngaye uPhilani Zulu weKaizer Chiefs.

NgoMgqibel­o ezikaCele zizodlala ne-Ashley United esendaweni yesibili uma kusukwa emsileni. Umdlalo ungo-3 ntambama, kanti uzodlalelw­a eMpumalang­a Stadium, eHammarsda­le.

UVusi Mthembu osanda kuthenga i-Ashley nosethimbe­ni labaqeqesh­i, uthe nakuba benamasont­o amabili bethenge iqembu kodwa lukhona ushintsho aselubona kubafana bakhe. Bashaywe uMvoti ngo-3-1 base badlala ngokulinga­na neMilford FC esemsileni. Imidlalo ye-ABC Motsepe League: NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama: KwaDukuza United v Umvoti (Stanger High); Durban FC v Natal United (Sugar Ray Xulu Stadium); Maritzburg v Ashley (Mpumalanga Stadium).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa