UTalent ucacisa ngeyokuqoma AmaZulu
UBENGAFUNI ukuphenduka ifenisha emaqenjini amakhulu, yingakho eqome ukusayina naMaZulu FC, uTalent Chawapiwa waseZimbabwe obegijimela ompetha beTelkom Knockout (TKO), iBaroka FC.
Ngokusho kukaChawapiwa, ubekuqonda ukuthi kunamaqembu athathwa njengamakhulu kuleli abemfunisa okomsebenzi kodwa ngenxa yokuthi akayizwa eyokukhuhla ibhentshi, ukhethe ukusayina noSuthu. Lawo maqembu yiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns okuke kwavela ukuthi ayambanga.
UChawapiwa usayiniswe AmaZulu ngesonto eledlule, ngemuva kokuthi u-Emiliano “Nkathazo” Tade, ethengwe yiSundowns.
“Uma ungumdlali kufanele ucabangisise ngoba awufuni ukuziphoxa, awufuni futhi ukuphoxa nabalandeli bakho. Okubalulekile ukuthi ngidlalela iqembu lesizwe laseZimbabwe, ngakho kubalulekile ukuthi ngibonakale ngidlala.
“Ngibukisise kahle, ngase ngathatha isinqumo sokuthi ngijoyine AmaZulu ngoba ngibe nengxoxo nomqeqeshi (esho uCavin Johnson), savumelana ngokuthi uma ngizinikela konke kuzohamba kahle. Konke lokho kwenza kube lula, uma nomqeqeshi ekhombisa ukuthi naye uyakufuna eqenjini lakhe,” usho kanje uChawapiwa.
Abanye abadlali baseZimbabwe abagijimela Usuthu nguOvidy Karuru ongukaputeni weqembu lesizwe laseZimbabwe, noButholezwe Ncube. Ngokusho kukaChiwapiwa, uKaruru umsize kakhulu ekutheni athathe isinqumo sokujoyina Inyokan’ Eluhlazana.
“UKaruru ungisize kakhulu ekutheni ngigcine lapha kuMaZulu. Ngixoxile naye, ngambuza ngakho konke okwenzeka kuSuthu wangichazela. Akazange futhi angenze isilima, wangitshela konke njengoba kunjalo. Isifiso sami njengamanje ukuthi ngisize iqembu ngakho konke engikwazi ukusiza ngakho. Iphupho lami ukunqoba isicoco noSuthu,” usho kanje uChawapiwa izolo ngemuva kokuziqeqesha naMaZulu ezinkundleni ezingaphandle eMoses Mabhida Stadium.
Uthe abantu usefisa bekhohlwe akwenze kwiBaroka ngoba manje usethole ikhaya elisha. Uthe unesifiso sokudlalela iZimbabwe kwi-Africa Cup Of Nations (Afcon) nonyaka.
“AmaZulu yiqembu lami elisha. Lokho kusho ukuthi kuphelile ngami nomlando engiwenzile kwiBaroka, sekufanele ngiqale umlando omusha noSuthu. Ukudlala kahle kwami lapha kuMaZulu kuzobe kusho ukuthi ngizibeka ethubeni elihle lokudlalela iZimbabwe kwi-Afcon. Ngakho kuzofanele ngizibambe ziqine,” kusho uChawapiwa ozogqoka ijezi unombolo 19 kuMaZulu.