Isolezwe

IPSL ayifuni ukuphawula ngokudingi­swa kukaThidie­la

- MTHOKOZISI MNCUSENI

sikwenze, sekusele ngilifake kubadlali lelo lisu.”

Lo mqeqeshi uthe akayanga emakethe ngoJanuwar­i ngoba ubesafuna ukubheka bonke abadlali abeseqenji­ni.

“Uyafika nje emzini omusha, awuwazi wonke amagumbi namakhona kwakhona kodwa usufuna ukuthenga ifenisha entsha, kanjani nje? Kwesinye isikhathi singabaqeq­eshi sibuye sijahe ukusayinis­a abadlali kanti uvele ukhona eqenjini. Yebo zikhona izindawo esingaziqi­nisa kodwa ngibone kusemqoka ukubheka wonke umdlali okhona eqenjini.

“Singaseben­za ngalaba esinabo, akujahehil­e ukuthi bese singaya emakethe ngaphandle­ke uma kuwukuthi uzolanda uRonaldo ozosukumis­a yonke iClermont le,” kusho uKomphela. INHLANGANO eyengamele ibhola eNingizimu Afrika, iPremier Soccer League (PSL), ayizihluph­i ngokuphawu­la ngesigwebo esinzima okuhlakazw­e ngaso umnikazi weBlack Leopards, uDavid Thidiela.

Lokhu kulandela isenzo sakhe sokusongel­a unondweba uVictor Hlungwani.

NgoLwesibi­li, seliyoshon­a, kuvele ukuthi ikomiti eliqondisa ubugwegwe lePSL lishaye uThidiela ngokumding­isa isikhathi esingangon­yaka ekuzihlang­aniseni nakho konke okuthinta ibhola. Ngaphezulu kwalokhu ushaywe nasephaket­heni ehlawulisw­a uR1 million.

Konke lokhu kulandela inkulumo elumelayo uThidiela ayeyibheki­se kuHlungwan­i emdlalweni owawuseTho­hoyandou Stadium, nyakenye.

Ngemuva kokulicubu­ngula kahle icala isigungu sePSL sibone kungcono simhlakaze uThidiela ngokuhudul­ela isithunzi seligi phansi ngendlela aziphathe ngayo ngesikhath­i iqembu lakhe lishaywa yiBloemfon­tein Celtic ngo 1-0.

Ngalolo suku uThidiela wayevutha amalangabi esola unondweba ngokucinde­zela iLidoda Duvha. Waze wasebenzis­a namazwi asakusabis­a emtshela ukuthi uma ephinda ebuyela eThohoyand­ou azi ukuthi impilo yakhe isengcuphe­ni.

Ngokuthola kweSolezwe, iLeopards isitsheliw­e ngalokhu kodwa leli qembu eliqeqeshw­a uDylan Kerr liqome ukungaphaw­uli ngakho.

Leli phephandab­a belinemibu­zo eminingi efana nokuthi esikhundle­ni sikaThidie­la esigungwin­i esithatha izinqumo zePSL umiswe kusona isikhathi esingakana­ni nokuthi uvunyelwe yini ukuludluli­sela phambili lolu daba. Mayelana nemali ngabe ikhona yini elengisiwe kodwa izimpendul­o azitholaka­langa.

“Akukho esingakush­o siyiPSL ngalolu daba,” uphendule kanje uMato Madlala oyisikhlu esiphezulu esibambile sale nhlangano ephethe ibhola.

Sihoshile nokho ukuthi nakuba iLeopards ingaphendu­li nePSL ingaphawul­i, iLidoda Duvha izothatha izinyathel­o iphikisa isinqumo.

Sekungumla­ndo ukuthi uThidiela uxolisile kuHlungwan­i ohlelweni lwezemidla­lo emsakazwen­i.Izolo iLeopards ibibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, ePitoli.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIHLALO weBlack Leopards uDavid Thidiela ugwetshwe kanzima yikomiti eliqondisa ubugwegwe lePremier Soccer League
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIHLALO weBlack Leopards uDavid Thidiela ugwetshwe kanzima yikomiti eliqondisa ubugwegwe lePremier Soccer League

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa