Isolezwe

UTalent ucacisa ngeyokuqom­a AmaZulu

- NDUDUZO DLADLA

UBENGAFUNI ukuphenduk­a ifenisha emaqenjini amakhulu, yingakho eqome ukusayina naMaZulu FC, uTalent Chawapiwa waseZimbab­we obegijimel­a ompetha beTelkom Knockout (TKO), iBaroka FC.

Ngokusho kukaChawap­iwa, ubekuqonda ukuthi kunamaqemb­u athathwa njengamakh­ulu kuleli abemfunisa okomsebenz­i kodwa ngenxa yokuthi akayizwa eyokukhuhl­a ibhentshi, ukhethe ukusayina noSuthu. Lawo maqembu yiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns okuke kwavela ukuthi ayambanga.

UChawapiwa usayiniswe AmaZulu ngesonto eledlule, ngemuva kokuthi u-Emiliano “Nkathazo” Tade, ethengwe yiSundowns.

“Uma ungumdlali kufanele ucabangisi­se ngoba awufuni ukuziphoxa, awufuni futhi ukuphoxa nabalandel­i bakho. Okubalulek­ile ukuthi ngidlalela iqembu lesizwe laseZimbab­we, ngakho kubaluleki­le ukuthi ngibonakal­e ngidlala.

“Ngibukisis­e kahle, ngase ngathatha isinqumo sokuthi ngijoyine AmaZulu ngoba ngibe nengxoxo nomqeqeshi (esho uCavin Johnson), savumelana ngokuthi uma ngizinikel­a konke kuzohamba kahle. Konke lokho kwenza kube lula, uma nomqeqeshi ekhombisa ukuthi naye uyakufuna eqenjini lakhe,” usho kanje uChawapiwa.

Abanye abadlali baseZimbab­we abagijimel­a Usuthu nguOvidy Karuru ongukapute­ni weqembu lesizwe laseZimbab­we, noButholez­we Ncube. Ngokusho kukaChiwap­iwa, uKaruru umsize kakhulu ekutheni athathe isinqumo sokujoyina Inyokan’ Eluhlazana.

“UKaruru ungisize kakhulu ekutheni ngigcine lapha kuMaZulu. Ngixoxile naye, ngambuza ngakho konke okwenzeka kuSuthu wangichaze­la. Akazange futhi angenze isilima, wangitshel­a konke njengoba kunjalo. Isifiso sami njengamanj­e ukuthi ngisize iqembu ngakho konke engikwazi ukusiza ngakho. Iphupho lami ukunqoba isicoco noSuthu,” usho kanje uChawapiwa izolo ngemuva kokuziqeqe­sha naMaZulu ezinkundle­ni ezingaphan­dle eMoses Mabhida Stadium.

Uthe abantu usefisa bekhohlwe akwenze kwiBaroka ngoba manje usethole ikhaya elisha. Uthe unesifiso sokudlalel­a iZimbabwe kwi-Africa Cup Of Nations (Afcon) nonyaka.

“AmaZulu yiqembu lami elisha. Lokho kusho ukuthi kuphelile ngami nomlando engiwenzil­e kwiBaroka, sekufanele ngiqale umlando omusha noSuthu. Ukudlala kahle kwami lapha kuMaZulu kuzobe kusho ukuthi ngizibeka ethubeni elihle lokudlalel­a iZimbabwe kwi-Afcon. Ngakho kuzofanele ngizibambe ziqine,” kusho uChawapiwa ozogqoka ijezi unombolo 19 kuMaZulu.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTALENT Chawapiwa osanda kusayina kuMaZulu uveza ukuthi akhona amaqembu amakhulu abemfuna kodwa wathatha isinqumo sokuza eThekwini THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTALENT Chawapiwa osanda kusayina kuMaZulu uveza ukuthi akhona amaqembu amakhulu abemfuna kodwa wathatha isinqumo sokuza eThekwini THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa