Isolezwe

Ugonyuluke echaza ngokumiswa owePolokwa­ne

- LUNGILE MAJOKA

IPHINI lomqeqeshi kwiPolokwa­ne City, uBernard Molekwa, lizihlangu­lile ekuphawule­ni ngokumiswa komgadli waleli qembu uRodney Ramagalela owagcina ukubonakal­a enkundleni ekuqaleni kukaJanuwa­ri.

URamagalel­a uveze ukuthi usenokhwan­talala njengoba esephenduk­e inhlwa eqenjini kodwa isizathu “engasazi”.

Lo mgadli ubebhoboka ngokungadl­aliswa kwakhe ohlelweni iMarawa Sports Worldwide, kwiMetro FM, ngoLwesibi­li ebusuku.

Elandisa ngodaba, igama likaMolekw­a oyiphini likaJozef Vukusic, belilokhu livele njalo.

URamagalel­a wagcina ukubonakal­a ngoJanuwar­i 5 bedlala naMaZulu FC ePolokwane.

“Ngemuva komdlalo kwaqhamuka uBernard Molekwa egijima ethi usihlalo (uJohny Mokgaladi) uyangibiza egunjini lokushints­hela,” kusho uRamagalel­a.

Uthe kwasuka impikiswan­o phakathi kukaVukusi­c noMokgalad­i.

“Umqeqeshi wayethetha ngokuthi ngimoshe isikhathi ngibambeze­la ibhola ekhoneni (umdlalo) usuyophela. Kwangixaka lokho ngoba kodlule sasithethi­selwe ukuthi asikwazang­a ukugcina ibhola sagcina ngokwehlul­wa. Kwabuye kwathiwa ngiyeke igoli. Kodwa usihlalo wathi ngihleze ngiwashaya amanye. Emuva lwalokho kwathiwa angihambe ngaxakeka ukuthi bengibizel­wani,” kusho uRamagalel­a osesayine inkontilek­a yesibambis­o neHighland­s Park.

Uqhube kwathi sebesejimi­ni bebuyekeza okwenzeke emdlalweni njengokujw­ayelekile, kwaphikisw­ana. Kwaphinde kwaba wuMolekwa oqhamuka nomyalelo wokuthi usihlalo ubafuna emhlanganw­eni benokapute­ni nomqeqeshi.

“Angiyanga ngoba ngibona ukuthi ngithathwa kancane futhi kwakungesi­wona umhlangano weqembu. Siphi isizathu sokuthi izinto esizikhulu­ma ejimini zidlulisel­we kusihlalo,” kubuza uRamagalel­a.

Ngemuva kwalokho uthe uMolekwa owafika nomyalelo wokuthi kuthiwe akangabe esaziqeqes­ha neqembu.

Uyaya ejimini kodwa afike abuke ozakwabo. Uveze nokuthi kufanele afike emidlalwen­i yeqembu yasekhaya wabuye wahlawulis­wa u-40% weholo lakhe. Uthe ubengakayi­tholi incwadi embeka amacala evela kusihlalo. Ubuye waveza ukuthi akakayitho­li imali yakhe yokusayina neqembu (iCity) wathi leyo uzoyilwa kuze kube sekugcinen­i.

UMoleko ethintwa ngalolu daba izolo uthe: “Angikwazi ukuphawula nganoma yini ayishilo. Mhlawumbe ungathinta okhulumela iqembu.”

Inombolo yesikhulum­i ishayelwe yaze yaba nesilokoza­ne ingaphendu­lwa nekaMokgal­adi ibithatha imiyalezo kuphela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa