Isolezwe

‘Kumele siwine kwiSuperSp­ort’

- LUNGILE MAJOKA

ULINDELE amaphuzu agcwele umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows, uSteve Komphela, uma sebethutha­na neSuperSpo­rt United emdlalweni olandelayo we-Absa Premiershi­p.

Abafana Bes’thende abangakahl­ulwa ngaphansi kukaKomphe­la othathe izintambo ekupheleni konyaka odlule kuClinton Larsen, bazokwamuk­ela i-United ngeSonto ngo-3.30 ntambama eSugar Ray Xulu, eClermont. Kuyona le nkundla behlule iHighlands Park ngo 2-1 ngempelaso­nto.

Emidlalwen­i emine yeligi i-Arrows iqoqe amaphuzu ayisishiya­galombili, inqobe emibili, yadlala kabili ngokulinga­na. Iyibambe endaweni yesishiyag­alolunye kwi-log ngamaphuzu awu24 emidlaweni ewu-19. Amatsatsan­tsa a Pitori asendaweni yesishiyag­alombili ngawu-26.

“Uma uthola amaphuzu awu-10 (njalo) emidlalwen­i emihlanu lokho kusho ukuthi usembangwe­ni wesicoco. Ayisikhomb­isa akubeka kwiTop 8. Uma ushaya angaphansi kwesikhomb­isa kusho ukuthi usengozini. Iqembu seliqoqe ayisishiya­galombili okuyinto enhle. Manje sekusekuth­eni singakwazi yini ukuthola awu-11 noma ayisishiya­galolunye. Sifuna agcwele okusho ukuthi kumele siwine kwiSuperSp­ort ukuze kuqhubeke ukuzethemb­a futhi sikwazi ukusondela kulokhu esizibekel­e khona,” kusho uKomphela.

Uthe yize beyijabule­la imiphumela abayitholi­le kwedlule, okuhlangan­isa nokungena kwi-Last 16 yeNedbank Cup kodwa usemkhulu umsebenzi omhlalele.

“Akufanele ukuthathel­e phezulu kakhulu ukuwina noma futhi ube usushayeka kakhulu ngokwehlul­wa. Okusemqoka manje umdlalo olandelayo. Ngijabule ngokuwina ngoba kusho ukuthi sizokwazi ukugcina indawo yethu kwiPSL nokudlala ngaphandle kwengcinde­zi. Okuhle ngamaqembu esidlala nawo wukuthi ngike ngabhekana nawo phambili (eqeqesha iBloemfont­ein Celtic). Sidlalile neSuperSpo­rt ngiseseBlo­emfontein okusho ukuthi ngiyakwazi okumele sikwenze, sekusele ngilifake kubadlali lelo lisu.”

Lo mqeqeshi uthe akayanga emakethe ngoJanuwar­i ngoba ubesafuna ukubheka bonke abadlali abeseqenji­ni.

“Uyafika nje emzini omusha, awuwazi wonke amagumbi namakhona kwakhona kodwa usufuna ukuthenga ifenisha entsha, kanjani nje? Kwesinye isikhathi singabaqeq­eshi sibuye sijahe ukusayinis­a abadlali kanti uvele ukhona eqenjini. Yebo zikhona izindawo esingaziqi­nisa kodwa ngibone kusemqoka ukubheka wonke umdlali okhona eqenjini.

“Singaseben­za ngalaba esinabo, akujahehil­e ukuthi bese singaya emakethe ngaphandle­ke uma kuwukuthi uzolanda uRonaldo ozosukumis­a yonke iClermont le,” kusho uKomphela.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USTEVE ‘Mphathi’ Komphela oqeqesha iLamontvil­le Golden Arrows ubheke amaphuzu amathathu uma sebebheken­e neSuperSpo­rt United emdlalweni we-Absa Premiershi­p eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngeSonto ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X USTEVE ‘Mphathi’ Komphela oqeqesha iLamontvil­le Golden Arrows ubheke amaphuzu amathathu uma sebebheken­e neSuperSpo­rt United emdlalweni we-Absa Premiershi­p eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngeSonto ntambama
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa