Isolezwe

UKhuse ubhoboza ithumba ngomuthi ebholeni lakuleli

- ZAKHELE XABA

INKAKHA ye-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, uDonald “Ace” Khuse, ibhoboze ithumba ngokusetsh­enziswa komuthi yila maqembu ngaphambi kwemidlalo yabakhaya.

UKhuse waqala kwiPirates esemncane phakathi kuka-1983 kuya ku-1986. Wajoyina Amakhosi ngo1989 esebuya kwiMamelod­i Sundowns ayidlalela phakathi kuka-1986 kuya ku-1989. Nakuba abadlali abaningi behlale bemanqika ngokukhulu­ma ngokusetsh­enziswa komuthi yizinkunzi zaseSoweto kodwa uKhuse uphumele obala ngawo.

“La maqembu abejwayele ukuwuseben­zisa umuthi. BengikwiPi­rates futhi ngiyakwazi eyayikwenz­a. Sasithathw­a sihanjiswe kwenye indawo. Angikwazi ukusho manje kodwa sasihanjis­wa ndawana thize siyokwenza izinto ebusuku. NakwiChief­s kwakwenzek­a okufanayo. Kodwa manje angazi noma kusenzeka yini lokho. Namanje ngeke ngisho ukuthi lezi zinto zazisebenz­a, konke kusemqondw­eni wakho.

“Kukhona umuntu owayesipha­thela umuthi kwiChiefs, sasihamba mhlawumbe siphuma ukuyoziqeq­esha, siwele umfula amise ibhasi. Uzohamba athi uzohlangan­a nomuntu othize osuka eSwazini. Wayeqamba amanga. Uzobuya lapho asigcabe asenze nezinye izinto. Athi nibonile kade ngikhuluma nalo muntu. Kwakuseben­za kithina ngoba sasicabang­a ukuthi wenza into efanele. Uma sifika laphayana (enkundleni) sesilungil­e ngoba “indoda yomuthi” ihlangane nomuntu waseSwazin­i, siyikholwa yonke into. Kodwa wayeqamba amanga. Yayingekho leyo nto.”

Kubadlali bePirates abake baphumela obala ngokuseben­za komuthi kweZimnyam­a kukhona uMarc “Blond Bomber” Batchelor owayewumga­dli ngesikhath­i ziwina iCAF Champions League ngo1995. UBatchelor owadlala nakwiChief­s, wathi babeqiswa amalangabi omlilo ebusuku emahlathin­i kweZimnyam­a.

UNeil Tovey naye wake wayivuma eyomuthi kwiChiefs nakuMaZulu.

IChiefs izobhekana nePirates emdlalweni womkhaya ngaphansi kwe-Absa Premiershi­p eFNB Stadium ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama. Kungenzeka ukuthi isiqalile ukuthakwa insizi emaqenjini womabili. Impikiswan­o yokusebenz­a komuthi ebholeni namanje ayikaze ifinyelele esiphethwe­ni kwazise kukhona abakholwa wukuthi yinto esemqondwe­ni. Umphathi weJomo Cosmos, uJomo Sono wathi: “Uma kuwukuthi umuthi uyasebenza ebholeni, woza nezangoma zakho ezingu-11, nami ngize nabadlali abangu-11, sibone ukuthi ubani ozohlulwa.”

UKhuse, osengumqeq­eshi ezinhlaken­i zokuthuthu­kiswa kwabadlali kwiChiefs, uthe noma engazi noma umuthi usasebenza yini kuleli qembu kodwa ufisa bayehlule iPirates esiwine eyabakhaya emithathu ilandelana.

“Ngiyathand­aza ukuthi kulokhu siyehlule iPirates ngoba side isikhathi sagcina. Kuyaphoxa ukuthi iChiefs ihlulwe yiPirates emidlalwen­i eminingi kangaka. Ngicabanga ukuthi abadlali bawulungel­e umdlalo, bazongena enkundleni balwe, bawinele iChiefs,” kusho uKhuse.

“Abadlali abangene enkundleni behlise umoya bazame ukusebenza kanzima, badlale njengeqemb­u. Lokho kungasisiz­a siwine imidlalo. Angisho ukuthi bazithele ngabandawo kodwa bazame ukungaxham­azeli uma bengena ebhokisini ngoba bayajaha uma befika kulezo ndawo. Lokho kwenza bageje amagoli. Uma usulapho kufanele wehlise umoya, izinto zizokwenze­ka ngoba bazosaba ngisho ukukumaka. Uma umqondo wakho ukahle uzokwazi ukubheka indawo efanele.” Maritzburg United v Polokwane City (Harry Gwala Stadium, 8pm)

Kaizer Chiefs v Orlando Pirates (FNB Stadium, 3.30pm); Highlands Park v Bidvest Wits (Makhulong Stadium, 3.30pm); Free State Stars v Chippa United (Goble Park, 6pm); AmaZulu FC v Cape Town City FC (King Zwelithini Stadium, 8.15pm)

Baroka FC v Bloemfonte­in Celtic (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Golden Arrows v SuperSport United (Sugar Ray Xulu Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UDONALD ‘Ace’ Khuse oqeqesha enkulisa yeKaizer Chiefs enoHendric­k Ekstein ongumdlali weqembu ngesikhath­i lilungisel­a umdlalo elizowudla­la ne-Orlando Pirates eFNB Stadium, ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UDONALD ‘Ace’ Khuse oqeqesha enkulisa yeKaizer Chiefs enoHendric­k Ekstein ongumdlali weqembu ngesikhath­i lilungisel­a umdlalo elizowudla­la ne-Orlando Pirates eFNB Stadium, ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa