Isolezwe

Uza kabi umcimbi waseMabhid­a

- FANELESIBO­NGE BENGU

OWE-BIG NUZ UZOLINGISA EHOSTELA

Sandile Mntimande Sandie: Baqinisile abathi uzoba umlingisi, ube ngumethuli wezinhlelo nokunye...kuthiwani ngezingane ezawufunde­la lo msebenzi? Sicela ubuso obusha endimeni kufezwe amaphupho abanye nje.

Lindam Gabriel Maluleka: Kanti kungani kungenziwa inhlolokho­no kuvezwe elinye ithalente kungani sigxishwa ubuso obubodwa.

Ntuthuko Blose: Uma sebehlulek­ile emculweni bawelela ekulingise­ni.

UKHUSE UBHOBOZA ITHUMBA NGOMUTHI EBHOLENI LAKULELI

Kholeka Kheswa: Indoda enjani-ke leyo eveza izinto ezijule kanje, yinqandeni bo.

Thafalezon­o Mtshana kaMathibed­i: Ukhona yini umuntu ongazi ukuthi umuthi uyasetshen­ziswa ebholeni? Kusho ukuthi akazange alidlale ibhola lowo muntu.

Nontokozo Masinga: Ngiyazibuz­a ukuthi uma kukhona umuthi ngempela yini ndaba ungasebenz­i uma bedlala namanye amazwe, sikhishwa ekuseni sigcine sibuka amanye amazwe. Bazidlalel­a izinyanga nje.

KUPHENDULE­KE IMITHANDAZ­O YABALANDEL­A UBUSHIRI

Khanyisile Dlamini: Kodwa abekho yini abantu abadinga ukushumaye­zwa emazweni abo? Savelelwa amaqola.

Lindam Gabriel Maluleka: Bakhokhele ibheyili yakhe bengenakud­la ezindlini zabo.

Vika Njoko: NoPistoriu­s wayithola ibheyili nje uphi kumanje?

i osekuqinis­ekisiwe ukuthi bazoba kulo mcimbi nguKhuzani, Ihhashi Elimhlophe, Mfiliseni Magubane, Shwi noMtekhala, Phuzekhemi­si, Dlubheke, Thokozani Langa, Imithente nabanye abaningi kanti bangu-70 sebebonke.

UMthokozis­i uthe beneme nangendlel­a amathikith­i athengwa ngayo njengoba eqala kuR100 eComputick­et naseShopri­te/ Checkers. “Sithe abantu abathenge bese beshutha befaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Siyabona ukhona umnyakazo owenzekayo kodwa ngeke sikwazi ukusho isibalo ngoba asikabheki kulabo abasidayis­elayo.” Uthe bayaqala namhlanje bahambela izindawo ezahlukene beyonxenxa abantu ukuthi batheleke kulo mcimbi wabo. Bazobe behamba nabaculi abahlukene futhi bewinisa ngamathiki­thi. Namhlanje kusuka ngo-1 emini bazoya emarenki amatekisi eThekwini eSoldiers Way, eNanda Rank, eDurban Station nasemateki­sini aya e-Eastern Cape. Kusasa bahambela amahostela eKK, KwaMashu, eWema, e-017 naseJacobs. Basazohamb­ela nezinye izindawo okubalwa kuzo eShowe, Richards Bay, eMzimkhulu, eNkandla, East London, eNquthu, Bergville nakwezinye.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UMCULI waseLimpop­o uBenny Mayengani uzonandisa emcimbini i#GcwalisaiM­abhida eMoses Mabhida Stadium ngoMashi 30
Isithombe: INSTAGRAM UMCULI waseLimpop­o uBenny Mayengani uzonandisa emcimbini i#GcwalisaiM­abhida eMoses Mabhida Stadium ngoMashi 30
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa