Isolezwe

Kuhlaselwe kwabulawa isikhulu sikamasipa­la

- PHILI MJOLI

KUDUTSHULW­E kwabulawa isikhulu sikamasipa­la enkabeni yedolobha eMnambithi, izolo ekuseni.

UMnuz Oscar Hlatshwayo, oyiTechnic­al Director kuMasipala i-Alfred Duma, kuthiwa ubehamba ngemoto yakhe emgwaqweni uFrancis ngesikhath­i ehlaselwa ngamadoda amabili abehlome ngezibhamu, avulele ngenhlamvu eqondise kuyena.

Imoto abehamba ngayo kuthiwa ishayise izimoto ezithathu ngemuva kokuthi esedutshul­iwe, kulezo zimoto kukhona netekisi.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uzwakalise ukushaqeka ngalesi sigameko waphinde wagxeka lokhu kudutshulw­a.

Uthe ngokuthola kwabo, uHlatshway­o uhlaselwe ngamadoda amabili ngesikhath­i imoto yakhe izama ukweqa irobhothi.

“Sithemba ukuthi amaphoyisa azobabamba abenze lo mkhuba masinyane. Sikhathaze­kile ngokwanda kwezigamek­o zokuhlasel­wa kwezikhulu zomasipala. Sinxusa amaphoyisa ukuthi asilekelel­e ngokubopha abenzi bokubi aphinde athole nokuthi kungani kuhlaselwa izikhulu zokamasipa­la,” kusho uNkk Dube Ncube.

UCol Thembeka Mbele, okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uthe kudutshulw­e kwabulawa indoda eneminyaka engu-38 ebihamba ngemoto edolobheni eMnambithi.

“Amaphoyisa aseMnambit­hi aphenya icala lokubulala, okwamanje bekungakab­oshwa muntu,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa