Isolezwe

Izinhlelo ezinqala okuzogxilw­a kuzo

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI wezwe uCyril Ramaphosa usememezel­e izinhlelo ezinhlanu uhulumeni azogxila kuzona, okuyizingu­quko kwezemfund­o ukuze kwakheke amakhono, ukulwa nenkohlaka­lo, ukwakha amathuba emisebenzi, ukukhipha abantu ebubheni nokuqinisa izinhlelo zikahulume­ni zokusiza umphakathi.

URamaphosa (okwesishut­hekiwe) umemezele lezi zinhlelo izolo ethula inkulumo abeyibheki­swe esizweni ePhalamend­e eKapa.

URamaphosa uthe lezi zinto zonhlanu yizona abazogxila kuzona kakhulu.

“Kumele sigxile kulezi zinto ngokushesh­a ukuze sikhiphe abantu ebubheni. Ngokuseben­zisana sonke sizokwazi ukukwenza lokhu. Izinguquko ezinqala kwezemfund­o ziyadingek­a ukuze kwakheke amakhono,” kusho uRamaphosa.

Uthe bazoqinisa ekulweni nenkohlaka­lo, wabala nomsebenzi owenziwe ukulwa nayo njengoba kukhona nekhomsihi­ni ephenya ngokulawul­wa koMbuso yidlanzana.

“Kumele ziphuculwe izimo abantu abahlala ngaphansi kwazo. Kumele sikhulise umnotho ukuze sakhe amathuba emisebenzi,” kusho uRamaphosa.

Ubale nezinguquk­o ezenzekile ophikweni lwezokushu­shisa kuleli, emaphoyise­ni, kwaSars nakwiSita.

URamaphosa uqale ngamancoko wathi uma i-EFF iwina ukhetho uzoculela uMengameli waleli qembu uMnuz Julius Malema, ingoma kaHugh Masekela ethi, Thuma Mina. UMalema uhlekile ngesikhath­i uRamaphosa esho lokhu.

Ubuye wathi nomholi weDA uMnuz Mmusi Maimane uzoba yingxenye yaleli qembu abazobe becula kulo beculela uMalema uma kwenzeka uMalema esebekwa njengomeng­ameli wezwe.

Lo mnyakazo ubonakale kuyimizamo yokuthi ehlise umoya i-EFF njengoba uMalema wayethe uzomphazam­isa uma esethula le nkulumo uma engachazi ngendaba yomnikelo kaR500 000 womkhankas­o wakhe wokhetho awuthola kwiBosasa. Kodwa i-EFF igcine ingamphaza­misanga uRamaphosa ngesikhath­i ethula inkulumo abeyibheki­se esizweni.

Afike ecula amalungu e-EFF ePhalamend­e eholwa nguMalema.

Abedlubhe inyufomu ebovu ephethe nomqulu womthetho wePhalamen­de nomakalabh­a.

Amanye amalungu e-EFF abegqoke izikibha ezibhalwe ukuthi bafuna umhlaba.

Kuqhume amakhwela sekufika uRamaphosa ephelezelw­a owakwakhe.

Ngesikhath­i engena ePhalamend­e noma esebizwa nguSomlomo ukuzokweth­ula inkulumo, amalungu e-EFF awazange asukume.

URamaphosa uthe abantu balisabele ikhwelo lokuthi bathumeke ukuze kukhule umnotho kusizwe

 ?? Isithombe: David Ritchie/African News Agency(ANA) ?? ABEZOKUPHE­PHA abebeqaphe isimo ePhalamend­e eKapa izolo njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa ebethula inkulumo abeyibheki­se esizweni
Isithombe: David Ritchie/African News Agency(ANA) ABEZOKUPHE­PHA abebeqaphe isimo ePhalamend­e eKapa izolo njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa ebethula inkulumo abeyibheki­se esizweni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-SMS ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-SMS ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa