Isolezwe

Zigawuliwe izindleko zeSona

- MHLENGI SHANGASE

ASEQALILE amalungise­lelo ePhalamend­e enkulumo ebhekiswe esizweni ezothulwa nguMengame­li omusha wezwe ozokhethwa ngemuva kokhetho lukazwelon­ke okulindele­ke ukuthi libe ngoMeyi nonyaka.

Njengoba kulo nyaka kuzovotwa, zizoba mbili izinkulumo ezizothulw­a ezizobheki­swa esizweni.

Izolo, uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, wethule inkulumo yesibili abeyibheki­se esizweni ePhalamend­e eKapa.

USomlomo wePhalamen­de, uNksz Baleka Mbete, uthe balindele ukuthi le nkulumo yesibili ibe ngoJuni kulo nyaka.

Uthe kulo nyaka balindele ukuthi sibe ngaphansi kukaR1.9 million wesabelo sezimali ngale nkulumo kaMengamel­i.

Uthe kule nkulumo abazange bameme kakhulu ngoba izinkulumo zizoba mbili kulo nyaka.

“Asizange sibameme abantu abangomaka­debona abaqhamuka ezifundazw­eni, izingane zesikole nabanye abantu ngoba sifuna ukwehlisa izindleko. Asizange silungise sifake izimbali senze kube kuhle kakhulu ngaphandle kwasePhala­mende njengoba sihlale senza,” kusho uNksz Mbete.

Uthe enkulumeni yangoJuni bazomema ngoba kuzobe kuqala ihlandla likahulume­ni lesithupha.

Ihlandla lesihlanu ngaphansi kukaRamaph­osa lizophela ngaphambi kokhetho njengoba kuzohlakaz­wa nePhalamen­de lakuleli.

UNksz Mbete uthe inkulumo kaMengamel­i ibalulekil­e ngoba usuke etshela isizwe ukuthi kumele silindelen­i kulowo nyaka.

Uthe usuke eneka zonke izinhlelo zezinto ezizokwenz­iwa nguhulumen­i kulowo nyaka wathi nguyena uMengameli osuke ebhalele iPhalamend­e efuna ukuzokweth­ulwa le nkulumo.

USihlalo woMkhandlu weziFundaz­we, uNksz Thandi Modise, uthe uma kwethulwa le nkulumo kusuke kuhlangane izindlu ezimbili: iPhalamend­e nendlu yomkhandlu wezifundaz­we.

Uthe zehlile izindleko zale nkulumo njengoba lingasekho idina ebelibakho­na ngemuva kwale nkulumo. Uqhube wathi nesimo somnotho asivumi ukuthi kungaba namadina abantu behlupheka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa