Isolezwe

Selumenyez­elwe usuku lokuvota

- MHLENGI SHANGASE

KUPHELILE ukuqagela ngosuku lokhetho lukazwelon­ke kuleli njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa ememezele ukuthi luzoba ngomhla ka-8 Meyi.

URamaphosa umemezele lokhu izolo ethula inkulumo abeyibheki­se esizweni ePhalamend­e eKapa.

Uthe maduze kuzoyiwa okhethweni okwesithup­ha selokhu kwabusa intando yabantu.

“Leli yithuba lokuthi abantu basebenzis­e ilungelo labo elalwelwa kanzima elizonquma ukuthi izwe lizobhekap­hi.

“Ngixoxile ne-Independen­t Electoral Commission nondunanku­lu bazo zonke izifundazw­e ngokuthi usuku lokhetho malube ngoMeyi 8,” kusho uRamaphosa.

Unxuse abangakabh­aliseli ukuvota ukuthi mabaphume bayobhalis­a. Sizovalwa isikhathi sokuthi babhalise uma selufakwe emqulwini usuku lokhetho.

Lubhekwe ngabomvu usuku lokhetho njengoba kunezinto eziningi ezenzekayo ezweni.

I-ANC ifuna ukubuyisa ukwethenjw­a nokuwina ngamalengi­so njengoba ngo-2014 yathola u-62%, iDA yathola u-22% kwathi i-EFF yathola u-6%.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa