IZINKONDLO
Thisha wami uyisikhali Esigwaz’ emzimbeni Kwahlehl’ igazi kwasal’ ulwazi Thisha wami uyisikhali Esigwaz’ emzimbeni Kwahlehl’ igazi maqede kwasal’ ulwazi. Thisha wami uyisikhali Esalwa nobudomu bami Kwasala ulwazi. Ngikhumbula ngisemncane Ngisewusana. Ekhaya mabengiyisa esikoleni Ngihambe ngikhala. Okwami kwakunzima Ngihlulwa nawukubhala. Uma sibhala kwakushonilanga Kus’ emnyango nezibalo zingihlula. Thisha wami uyisikhali Ipeni ukulibamba wangifundisa Ngesineke ngabhala wahlaziya Ngawumakhonya. Bonke ngabashay’ amakhanda Ngisho izinkondlo zami bazivuma.
Esikoleni uma ngifika ngigqoke obhanana wawungithethisa Uthi angingadlali ngokudla Ngalapho wawungenamusa. Namhlanje ngiyabusa Ngalolu lwazi Wena owanginika lona. Thisha wami eyakho indima uyidlalile Le ndima kimi uyilimile. Nabahluleka bahluleka bezamile. Elami ithemba lalikuwe
Yingakho ngafundaThisha ngiswel’ amagama okuk’bonga. Elakho igama balibukela phansi. Ngolwazi nangomsebenzi Bakhala ngaphansi. Baphila impilo ecokeme Bonke baphuma kuwe. Ezandleni zakho badlulile. Namhlanje sebekusho kanje sebesile. Banyela isihlahla ababoni bazokudinga masinyane. Namhlanje sengikhulile Okwenzekile kimina nakwabanye ukwenzile. Ngike ngafeyila bephasile. Kanjalo bafeyilile ngiphasile Boze bakuvume ngamagama Uyaphilisa. Kwasukasukela Ngikhumbula ngikusukela Esikoleni kubuka mina Elakh’ igama ngilingcolisa. Phela sengiqala nokukhula Ngiyaxolisa ngiyazi wangixolela Thisha wami uyisikhali Esigwaz’ emzimbeni Kwahlehl’ igazi kwasala ulwazi. DM Imbongi ebukekayo
Ubudukluduklu kush’umagida sibhekane, Itholene phezulu impi yegabha nebhodlela, Ibambene ngezihluthu kuthule izaqha, Izidakamizwa zibuzwa kubo asikho abangasazi, Sadabukisa isizwe.
Igcwele imtholampilo kuyachichima, Agcwele amajele nezitokisi kuyachichima, Ziyanda ezibheke emathuneni mihla le, Abhalwa ecishw’ amadokodo mihla le, Abayizwa le mvunge obhukuda.
Kazi awabo amakhono ayocijwaphi na? Ubuzemazema bezingozi zegabha nebhodlela, Imilomo isize yaphenduk’ oshimula, Izibili sezize zaphenduk’imphongolo, Ingene impi yejiki nokupolomba.
Izihlangu zesizwe sezaphenduka okhothiphepha, Izimbali zesizwe sezaphenduka imiphuphe, Izinsizwa sekwaba ngamaxhegu, Izintombi sekwaba yizalukazi, Yintunda bebhekene akekh’ ozila omunye.
Liyasha igugu lezinsizwa nezintombi. Yimpi yezahluleki ezingabazi ubunzima bepeni nephepha, Yimpi yezahluleki ezingenangozi yepeni nephepha, Yimpi yos’khwiliphambana nokhandalimtshelokwakhe, Sabhubha isizwe sithule kwenzekani. Siphesihle Sakhile Mcineka