Isolezwe

Kusuke isidumo esikoleni

- PHILI MJOLI

BASHISE imigqomo kadoti namathayi abafundi baseTemple Valley High eVerulam bethi abasamfuni uthishanhl­oko walesi sikole obajezisel­a ukuthi ‘bathandana’ nabashayel­i bamatekisi.

Laba bafundi baqale ngoMsombul­uko ukubhikish­a esikoleni. Izolo uthishanhl­oko nabanye abaholi bomphakath­i babe nomhlangan­o bedingida udaba lombhikish­o walaba bafundi.

Okunye abafundi okuthiwa bakhala ngakho ukuthi uthishanhl­oko ubefuna imali yokufunda yanyakenye abayikwele­tayo.

UMnuz Prem Balram weReaction Unit South Africa (RUSA) uthe abanye abafundi besifazane abebeyingx­enye yalo mbhikisho, bebethi bafuna ukuthi uthishanhl­oko ahambe ngoba wabajezise­la ukuthi baya ‘ocansini’ nabashayel­i bamatekisi.

UMnuz Kwazi Mthethwa woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ephawula ngalo mbhikisho uthe: “Lo mfutho abafundi abanawo kumele ngabe bawufaka ezifundwen­i zabo bazilungis­elela ukubhala izivivinyo zekota yokuqala. Akumele bagxambuke­le emsebenzin­i womnyango wokuqashwa kothisha noma wokuhlelwa kwendlela yokufunda. Uma kunezikhal­o kumele balandele izindlela zomnyango ezifana nokubikela abahloli, abakwazi ukuzithath­ela isinqumo sokuthi baxosha uthishanhl­oko,” kusho yena.

Uqhube wathi bayazi ukuthi akubona bonke abafundi ababandaka­nyekayo kulo mbhikisho wathi abanye basemakila­sini kodwa abakwazi ukufunda baphazanyi­swa yilaba ababhikish­ayo.

“Uma ababhikish­ayo behluleka ukulandela imigomo yokukhala yomnyango, sizophoqel­eka ukuthi sithathe isinyathel­o esilandela­yo. Izinsuku ezine ezilahleke­le abafundi ngenxa yalo mbhikisho ngeke zisabuyise­leka,” kusho yena.

Ikhansela uMnuz Johnson Chetty lithe ziningi izinto abafundi abakhala ngazo, wathi basazohlan­gana nabo abafundi bengabahol­i bomphakath­i babone ukuthi bangalulun­gisa kanjani lolu daba.

UCol Thembeka Mbele uthe amaphoyisa asiqaphile isimo kulesi sikole kulandela ukuthi kube nezinsolo zokuthi abafundi bashisa imigqomo kadoti, bashaya amafasitel­a ngamatshe kodwa alikho icala abalivulil­e ngalokho.

“Abafundi basaqhubek­a nokubhikis­ha ngaphandle kwesikole, sivule icala lokususa udlame emphakathi­ni eliphenywa eVerulam,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa