Isolezwe

Mazisukuny­elwe izinkinga kwezemfund­o

-

YINTO ejwayeleki­le ukuthi njalo ekuqaleni konyaka kube nemibhikis­ho ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme njengoba kunezinto izitshuden­i ezisuke zikhala ngazo, ikakhuluka­zi, nemali ekhishwa yisikhwama sikahulume­ni esixhasa izitshuden­i, iNSFAS.

Kwakunethe­mba ukuthi le mibhikisho izoncipha emva kokumenyez­elwa kwemfundo yamahhala eminyakeni emibili edlule.

Yize isikhona imfundo yamahhala kodwa isaqhubeka imibhikish­o yezitshude­ni ngoba nokusebenz­a kukaNSFAS kusaqhubek­a nokuba nobuhixihi­xi.

Enye inselelo ebhekene nezikhungo zemfundo ephakeme noNSFAS ukwanda kwesibalo sezitshude­ni ezaphasa u-matric njengoba izikhala emanyuvesi nasemakoli­shi zizincane ukuthi kungamukel­wa wonke umuntu.

Nakuleli sonto, iqhubekile le mibhikisho njengoba izitshuden­i beziyigxob­a kuwona wonke amanyuvesi KwaZulu-Natal kanjalo naseWits eGoli. Kodwa sibe muncu isimo eKZN njengoba umbhikisho waseDUT udlule umphefumul­o kaMlungisi Madonsela obenza unyaka wesithathu ezifundwen­i zeBusiness Administra­tion.

UMadonsela obeyilungu le-EFF Student Command udutshulwe onogada abebehlaka­za izitshuden­i ngoLwesibi­li ntambama. Kuthiwa udutshulwe emhlane kanti ushonele esibhedlel­a.

Ibuhlungu le nto eyenzekile futhi bekungafan­ele kufike lapho kuphuma khona isidumbu ngoba ngokomthet­ho ababhikish­i kumele bahlakazwe ngezinhlam­vu zenjoloba, hhayi ezangempel­a.

Izitshuden­i uma zisephuthe­ni siyazisola kodwa akusoze kwabakhona isizathu esamukelek­ile sokuthi zidutshulw­e kuze kuphume isidumbu, kushabalal­e namaphupho omndeni njengoba lesi sitshudeni besesiphot­hula izifundo zaso.

Uphenyo lweDUT namaphoyis­a kumele lusheshe lucacise ngezinyath­elo ezizothath­elwa onogada abathintek­ayo kulesi sigameko.

Okunye okudinga ukusukunye­lwa, yizinkinga ezikhona ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ngoba kuyacaca ukuthi izisombulu­lo obekukhola­kala ukuthi zizosebenz­a azanele.

Minyaka yonke enye yezinjongo zikahulume­ni ukunyusa isibalo sabafundi abaphasa u-matric kodwa izikhala emanyuvesi azanele futhi neNSFAS ngeke ikwazi ukuxhasa bonke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa