Abathanda ukudla ophaya yibona abadliseka kalula
LO NYAKA ka-2019 ngiwuhlonze njengonyaka wokuthi kubuzwe kubantu abanolwazi ngoba isikhathi esiningi sidukuza emswaneni ngenxa yokweswela ulwazi. Umbuzo uthi kuyosisiza ngani ukuthi siphikisane ngobukhona nobungekho bezinto sibe singahlomile ngolwazi oluzosenza siqonde ukuthi izinto ezithile zenzeka kanjani?
MaSolezwe, sengake ngaloba ngezikhuzathando eziyimithi yangaphakathi edliswa abantu ukuze babe nothando olungenamkhawulo. Kule ngosi yanamuhla angihlaziyi ukuthi akhona noma awekho amakorobela, okuyiyona inhloso wukuthi kucelwe ogobela abafana noVVO Mkhize ukuthi basichazele ukuthi yimiphi imithi emihle okufanele kudliswe ngayo abantu?
Indlela okwenzeka ngayo izinto iyakhombisa ukuthi kunezinyanga ezisebenzisa imithi emibi uma zithaka imithi yentando. Kuyiqiniso ukuthi kunezinyanga ezithaka zixube nenhlabathi zamathuna uma zihlanganisa umuthi wangaphakathi. Uthole ukuthi umuntu uthanda umuntu kodwa kubonakale ukuthi kunothando olwakhiwe oluhambisana nesipoki esingenza kufe umuntu uma kunokuphambana kwemibono.
OkaVolos uyazi ukuthi kudala umuthi wangaphakathi ufakwa umunyu nezinyembezi zengane ukuze umuntu odlisiwe ahlale ekhala, ekhumbula isithandwa sakhe. Le mithi yangaphakathi yesimanjamanje efakwa igazi nensila yiyona edala ukuthi abantu bashiswe wuthando eliwubulima bancamele nokuzibulala.
Okunye okubalulekile nengifisa uSolwazi uMkhize asicacisele khona wukuthi umuntu okusiphi isigaba ofanelwe wukuthi usengamdlisa umuntu athandana naye. Kulesi sikhathi esiphila kusona sibona izimanga, uthole ukuthi ingane yesikole idlise enye ngegomondela eyenza ingasakwazi nokufunda, ilibele ukucabanga isoka okanye intombi. Okubi ngokudlisana kwabantu abancane wukuthi basuke bengenanhloso yokushadana, okusho ukuthi kwakhiwa uthando oluningi olugcina lufana nomgwaqo ongayindawo.
MaSolezwe, ayikho into ebuhlungu njengokubona ingane idliswe ngomuthi othakwe neqanda lenkukhu ngoba ijike ithithibale ifane nechwane lenkukhu elinethwe yimvula.
Isikhathi esiningi abantu abaze bangabona ukuthi ingane ibanjwe yigomondela ngoba basuke becabanga ukuthi yenyukelwe wubulima noma seyilunge kakhulu.
MaSolezwe, ngiqonda kahle ukuthi kuyimanje kunabantu abashaywa wuvalo bafise ukwazi ukuthi kufanele benzeni ukuze bagweme ukudliswa intando.
Ngokomlando, kuyavela ukuthi abantu abathanda inyama badliseka kalula ngoba intando ifakwa esobheni.
Uma ungumuntu othanda ukudla izitshulu kufanele wazi ukuthi maningi amathuba okuthi udliseke.
Ngokunjalo nomuntu okhoze ukudla ophaya akaboni noma esedliswa, kuyisimo esifanayo nakumuntu ophuza utshwala ogcina ejabule ethi udakiwe kanti usedakwe nayintando efakwe kubhiya.
OkaVolos uyafisa nazi ukuthi akulula ukudlisa umuntu odla izithelo, uma ufuna ukugwema ukudliswa kufanele udle obhanana nama-aphula. Ukuthanda kwakho izithelo akufanele ukwedlulisele ekutheni uthande namayogathi enziwe ngezithelo ngoba umuthi wangaphakathi ungangena kuyogathi.
Uma ungafuni ukudliswa kufanele uwagweme amajusi ngoba intando ingena kalula ejusini, uma womile ufuna into ozoyiphuza kungcono uphuze amanzi ngoba kulula ukubona uma sekuntanta izinto ongaziqondi.