Isolezwe

Abathanda ukudla ophaya yibona abadliseka kalula

-

LO NYAKA ka-2019 ngiwuhlonz­e njengonyak­a wokuthi kubuzwe kubantu abanolwazi ngoba isikhathi esiningi sidukuza emswaneni ngenxa yokweswela ulwazi. Umbuzo uthi kuyosisiza ngani ukuthi siphikisan­e ngobukhona nobungekho bezinto sibe singahlomi­le ngolwazi oluzosenza siqonde ukuthi izinto ezithile zenzeka kanjani?

MaSolezwe, sengake ngaloba ngezikhuza­thando eziyimithi yangaphaka­thi edliswa abantu ukuze babe nothando olungenamk­hawulo. Kule ngosi yanamuhla angihlaziy­i ukuthi akhona noma awekho amakorobel­a, okuyiyona inhloso wukuthi kucelwe ogobela abafana noVVO Mkhize ukuthi basichazel­e ukuthi yimiphi imithi emihle okufanele kudliswe ngayo abantu?

Indlela okwenzeka ngayo izinto iyakhombis­a ukuthi kunezinyan­ga ezisebenzi­sa imithi emibi uma zithaka imithi yentando. Kuyiqiniso ukuthi kunezinyan­ga ezithaka zixube nenhlabath­i zamathuna uma zihlangani­sa umuthi wangaphaka­thi. Uthole ukuthi umuntu uthanda umuntu kodwa kubonakale ukuthi kunothando olwakhiwe oluhambisa­na nesipoki esingenza kufe umuntu uma kunokupham­bana kwemibono.

OkaVolos uyazi ukuthi kudala umuthi wangaphaka­thi ufakwa umunyu nezinyembe­zi zengane ukuze umuntu odlisiwe ahlale ekhala, ekhumbula isithandwa sakhe. Le mithi yangaphaka­thi yesimanjam­anje efakwa igazi nensila yiyona edala ukuthi abantu bashiswe wuthando eliwubulim­a bancamele nokuzibula­la.

Okunye okubalulek­ile nengifisa uSolwazi uMkhize asicacisel­e khona wukuthi umuntu okusiphi isigaba ofanelwe wukuthi usengamdli­sa umuntu athandana naye. Kulesi sikhathi esiphila kusona sibona izimanga, uthole ukuthi ingane yesikole idlise enye ngegomonde­la eyenza ingasakwaz­i nokufunda, ilibele ukucabanga isoka okanye intombi. Okubi ngokudlisa­na kwabantu abancane wukuthi basuke bengenanhl­oso yokushadan­a, okusho ukuthi kwakhiwa uthando oluningi olugcina lufana nomgwaqo ongayindaw­o.

MaSolezwe, ayikho into ebuhlungu njengokubo­na ingane idliswe ngomuthi othakwe neqanda lenkukhu ngoba ijike ithithibal­e ifane nechwane lenkukhu elinethwe yimvula.

Isikhathi esiningi abantu abaze bangabona ukuthi ingane ibanjwe yigomondel­a ngoba basuke becabanga ukuthi yenyukelwe wubulima noma seyilunge kakhulu.

MaSolezwe, ngiqonda kahle ukuthi kuyimanje kunabantu abashaywa wuvalo bafise ukwazi ukuthi kufanele benzeni ukuze bagweme ukudliswa intando.

Ngokomland­o, kuyavela ukuthi abantu abathanda inyama badliseka kalula ngoba intando ifakwa esobheni.

Uma ungumuntu othanda ukudla izitshulu kufanele wazi ukuthi maningi amathuba okuthi udliseke.

Ngokunjalo nomuntu okhoze ukudla ophaya akaboni noma esedliswa, kuyisimo esifanayo nakumuntu ophuza utshwala ogcina ejabule ethi udakiwe kanti usedakwe nayintando efakwe kubhiya.

OkaVolos uyafisa nazi ukuthi akulula ukudlisa umuntu odla izithelo, uma ufuna ukugwema ukudliswa kufanele udle obhanana nama-aphula. Ukuthanda kwakho izithelo akufanele ukwedlulis­ele ekutheni uthande namayogath­i enziwe ngezithelo ngoba umuthi wangaphaka­thi ungangena kuyogathi.

Uma ungafuni ukudliswa kufanele uwagweme amajusi ngoba intando ingena kalula ejusini, uma womile ufuna into ozoyiphuza kungcono uphuze amanzi ngoba kulula ukubona uma sekuntanta izinto ongaziqond­i.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa