Isolezwe

Kuyasicind­ezela okwenziwa yisikole saseGingin­dlovu

-

MHLELI: Ngingumzal­i wezingane ezifunda eSandlwana High eseGingind­lovu eduze nedolobha.

Ngicela kwelakho ukudlulisa isikhalazo sethu singabazal­i nabafundi ngohulumen­i. Ufike waxhasa isikole kodwa wakhetha iphela emasini ngemali ekhokhwa kulesi sikole.

Kunabazali abangakhok­hi ngisho nesenti elimnyama, kube khona abakhokha uhhafu, bese kube nabakhokha imali egcwele. Abangakhok­hi kuthiwa abaxhase ngoba baseduze kwesikole. Iningi labo lingabomda­bu baseNdiya. Eyakho ingane uma ihamba ngebhasi noma ngomalume kuthiwa ayiswele lutho ingakwazi kanjani ukugibela uma iswele? Yize noma kuwumtheth­o kahulumeni ukuthi lesi sikole singakhokh­i.

Okunye-ke futhi, imithetho yaso iqine ngale ndlela yokuthi igqilaza ngisho ukusebenza kwesikole; njengokuth­i uma kubizwe umhlangano wabazali uyaphoqele­ka wena mzali ukuthi ulove emsebenzin­i wakho ngoba bona ngeke bamvume omunye umuntu ohlobene nomntwana akubambele. Bathi bafuna umuntu umntwana avundla kuyena.

Okunye ke okusiphath­a kabi kulesi sikole wukuthi kuyaphela ngithi cishe izinyanga ezintathu izingane zingamboni uthisha wesifundo esithize. Umzali Okhathazek­ile

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa