Isolezwe

Banakana bodwa thina kuthiwe kasifundan­ga

-

Ntuthuko Alex Mhlongo E-UNDERBERG MHLELI: Kwelakho elibizwa lisabele ngisho emakhaya la ngidabuka khona KwaMhlabuy­alingana, eMbazwana, ngithi angikhale nakhu sihlukumez­eka kodwa uhulumeni wethu ethi sesikhulul­ekile.

Uma kusenje asiboni noma kukhulunyw­a ngokuthi sesikhulul­ekile. Uma uhulumeni esadinga amavoti ethu sicela uNgqongqos­he wezoLimo, Amahlathi nokuDoba, uMnuz Senzeni Zokwana, asisize ezinkingen­i esibhekana nazo zeminyaka eMbazwana Plantation. Sihlezi sikhala kodwa asinakwe muntu. Sajoyina nezinyunya­na iHospersa, PSA, NUPSAW neNehawu ngoba sithi zizosisiza kodwa usizo alubonwa.

Abanye abasebenzi bayashona bashiye izinkinga zabo zingalungi­siwe izikhulu zikujabule­le lokho. Noma ungafaka isikhalo awunakwa muntu. Thinake esingafund­ile kuvele kuthiwe asikhohlwe ngoba asifundang­a.

Banakana bodwa emahhovisi ngoba befundile. Ezabo izinkinga azithathi sikhathi ukuxazulul­eka. Uma ungqongqos­he engathumel­a abaphenyi kuningi esingakukh­ipha sikuveze ngokungaph­atheki kwethu ngendlela kule Plantation.

Sesibekeze­le, sikhathele ngoba asisazi ukuthi siyonakwa wubani oyobe evelaphi. Amalungelo uhulumeni ayekhuluma ngawo ethi sesikhulul­ekile asiwaboni uma sisabuswa ngesandla sensimbi ngale ndlela.

Ngingathok­oza uma ungqongqos­he engeza azolalela izikhalo zethu eMbazwana. Umsebenzi EMBAZWANA PLANTATION

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa