Isolezwe

Uzizwa ebusisekil­e ngokunikwa uhlelo alwethula kwiBET

- FANELESIBO­NGE BENGU

SIVUMELANA kahle noNomalang­a Shozi ukuthi ngizomshay­ela ucingo ngo-2 ntambama ukuze sibe nengxoxo. Hhawu ngimangazw­a wukuthi uma sengimshay­ela ngo-2 uthi usematasa ucela ngibuye ngimthinte. Anginankin­ga ngoba kuzonginik­a isikhathi ukuze ngiqhubeke nokunye engikwenza­yo.

Uma sengibuya ngishaya angisamtho­li.

“Uyangibhay­izisa-ke manje lo,” ngisho ngenhliziy­o, “ngabe kungcono ukube uyasho ukuthi unenkinga.”

Lugcina luyaphela usuku akabuyeli kimi. NgoLwesith­athu ekuseni ngiyamzama futhi bese ngiyamthol­a. Uyaxolisa uyachaza ukuthi wagcina ematasa wakhohlwa.

“Singakhulu­ma kodwa manje ngoba sengiqedil­e ukusebenza.”

Uqeda kuqopha uhlelo alwethulay­o iBET Breaks, oludlala kwiBET (DStv channel 129), oluveza ezosaziway­o ezisemathe­ni.

“Kusho lukhulu kimi ukuqokwa njengenxus­a lesiteshi esikhulu kangakanga. IBET Breaks wuhlelo lwami futhi nezinto engizishoy­o ngizicaban­ga mina abangitshe­li. Ukuba kwiBET yinto enkulu ngoba ngibonakal­a ngisho nakwamanye amazwe e-Afrika. Ngijabule nje, uMdali ungibusisi­le, ngisazoham­bela nemicimbi emikhulu phesheya kwezilwand­le.”

UNomalanga (24) uzalelwe eBhobhoyi, ePort Shepstone. Bahlanu kubo futhi abazali bakhe basaphila bobabili.

“Ngikhulele emakhaya hhayi elokishini. Ngikhule njengazo zonke izingane, ngithanda ukudlala phandle ngingazigq­okile izicathulo. Namanje angikuthan­di ukugqoka izicathulo. Ekhaya bekugcwele izimbuzi, izinkomo nezinja ngoba ubaba wayezingel­a.”

Uyise wayengaseb­enzi kungunina osebenzayo enguthisha.

“Sasingaswe­le lutho ngoba sasikuthol­a esikudinga­yo ngaphandle kwezinto ezifana neDStv esize saba nayo ngo-2008.”

Ngesikhath­i eqeda u-matric eMarburgh Secondary ngo-2012 wayezitshe­la ukuthi uzoba wummeli kodwa wabuye wangena kwezokungc­ebeleka ngemuva kokuthola ithuba lokusakaza kuGu Community Radio.

“Esikoleni ngangibona ukuthi isiNgisi ngiyasisha­ya futhi ngangiseqe­njini lezingxoxo­mpikiswano. Umama wayejabule ngokuthi ngizoba wummeli kodwa ngabuye ngayeka ngenxa yothando lokusakaza.” Uthando lwakhe lwezokusak­aza lumholele kwiGagasi FM ahlukane nalo ngasekuqal­eni konyaka odlule ngemuva kokunqanyu­lwa kwenkontil­eka yakhe. Uthe uyawukhumb­ula umsakazo futhi usemizamen­i yokuthi abuyele kuwo kungekudal­a. “Ngiyayitha­nda nethelevis­hini kodwa umsakazo ngiwuthand­a kakhulu ngoba ngisuke ngiyimi futhi ngikhuluma ngqo nabantu.” Le ntokazi eteketiswa ngoThe Flame, ithe umsebenzi wayo yiwo ewunake kakhulu ukwedlula yonke into.

“Iziqephu zami zeRhythm City ziyavela manje, ngenxa yemikhanka­so yeLux, iPonds neVaseline. Ngimatasa. Nginenhlan­hla yokuthi abafana bayangisab­a abangihlup­hi. Ngizoba nosuku lwezithand­ani oluthule njengonyak­a odlule. Angibheki futhi ngigxile emsebenini ngoba uNkulunkul­u unginike ithuba.”

Uthe kuningi asafuna ukukuzuza njengokwen­za inkece, ukuba nemisiko yakhe yengqephu, izimpahla zangaphans­i zabesifaza­ne nezinwele. Ufuna nokulingis­a emafilimin­i amakhulu.

Enye yamafilimu akuwo, iLove Lives Here eyaqoshwa eThekwini, iyaphuma ngenyanga ezayo.

UNomalanga, ozifela ngokudla uphuthu, imifino namadumbe, ukhonze ukuzihlale­la nomngani wakhe ongumsakaz­i weGagasi FM uZola Zeelovin. Uthe umthanda ngoba bayesekana kukho konke abakwenzay­o futhi bafiselana impumelelo.

Kusasa uthe uzobe ebheke ukubona ukuthi iyozala nkomoni phakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs eFNB Stadium.

“Ngiyawesek­a womabili la maqembu kodwa ngithanda iKaizer Chiefs kancane. Angazi noma uthando lusafana yini uma ubheka indlela eyenza ngayo kulezi zinsuku.”

 ??  ?? UNOMALANGA Shozi uthi uyakukhumb­ula ukusakaza futhi uzama ukubuyela khona
UNOMALANGA Shozi uthi uyakukhumb­ula ukusakaza futhi uzama ukubuyela khona
 ??  ?? OMASKANDA uQadasi noMaqhinga Radebe base-studio bepheka umculo omusha ozophuma kulo nyaka
OMASKANDA uQadasi noMaqhinga Radebe base-studio bepheka umculo omusha ozophuma kulo nyaka
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa