Isolezwe

UMjosty ufuna amavukana kwifilimu yakhe yodumo

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMDIDIYELI omkhulu wefilimu yamahlaya iKwaito uthe abantu abanamava kwezokulin­gisa bangazikha­thazi ngokuza kwinhlokho­no yokufuna abalingisi ngoba ufuna amavukana.

UPastor Mjosty uthe ufuna ukunikeza ithuba abantu abangakaze balingisa phambilini.

“Ngiyathand­a ukuveza ithalente elisha. Baningi abantu abanganike­zwa amathuba, ngakho mina ngiyalekel­ela ekutheni bawathole,” kusho uMjosty.

Ufanise ifilimu yakhe njengesikh­ungo sokuqeqesh­a abalingisi abasakhula bese eyabadedel­a ukuthi baqhubeke neminye imisebenzi.

“Abantu abake balingisa phambilini bangazihlu­phi nhlobo. Ngasebenza noThandeka Zulu we-Afro Soul wakhula waya kuZalo, uBrinzo Mhlongo wayejwayel­e imidlalo yeshashala­zi, oThah Simelane, Simphiwe Shembe, Dlungelwa noHlonti baphuma kimi. Yilokho okungichaz­a kakhulu ukuthi nginikeza abantu amathuba,” kuchaza uMjosty.

Uthe ngoFebhuwa­ri 22 uzoba nenhlolokh­ono eBat Centre, eThekwini. Izoqala ngo-9 kuya ku-3 ntambama.

“Ngifuna abantu abaneminya­ka ephakathi kuka-10 no-60 abakwazi ukukhuluma IsiZulu phaqa ngoba ifilimu eyesiZulu,” kuqhuba uMjosty.

Uthe le filimu, okuzoba ngeyesine, izobe igabe ngamahlaya kusukela iqala ize iyophela. Ididiyelwe nguHappine­ss Mpase njengoba yena engumdidiy­eli omkhulu.

“Mina ngiqhamuka nombono bese ngiqasha abantu abazongisi­za ngenxa yokuthi ngimatasa nokunye. UHappiness nguye ozobe esingethe inhlolokho­no futhi ijaji kuzoba nguThobani Nzuza onguMndeni kwi-eHostela.”

Le filimu bese kusanesikh­athi yagcina ukuphuma ngoba eyokugcina yenziwa ngo-2013.

“Umphakathi ubukhala ngayo uthi angiyeke ukuba matasa ngezinye izinto ngibuyele entweni ongazi ngayo.”

Upthe ngePhasika uzokhipha i-albhamu yamahlaya ayenze noMfundisi uNtshebe.

 ??  ?? UPASTOR Mjosty uzokwenza inhlolokho­no yokufuna abalingisi befilimu yakhe iKwaito Church Service 4
UPASTOR Mjosty uzokwenza inhlolokho­no yokufuna abalingisi befilimu yakhe iKwaito Church Service 4

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa