USenong ubalisa ngokushoda ngabagadli
UBALISA ngokushodelwa abagadli uThabo Senong ongumqeqeshi weqembu laseNingizimu Afrika labafana abaneminyaka engaphansi kwengu-20 elidlale ngokulingana neNigeria ngoLwesibili ntambama.
Lona bekungumdlalo kaGroup A ngaphansi kwe-Under 20 Africa Cup of Nations eseNiger.
Kulo mdlalo ophele zibambene kungu 0-0 unozinti weNingizimu Afrika uKhulekani Kubheka ushaye into ecokeme evimba yonke iminyakazo iNigeria ebizama ukuyithumela kuyena.
Ngenxa yokudlala kahle kuka lo nozinti nethimba lakhe avimba ngalo emuva, uSenong uyabalisa ngokushoda kwabadlali abazomenzela okufanayo phambili.
Amajita aqale umqhudelwano ngokubambana neqembu lasekhaya iNiger ngo 1-1 njengoba ephinde ongeza ngelinye iphuzu alithole koweNigeria. INigeria, engelinye lamazwe athishwe ukuba adle isicoco lapha, iqale ngokunqoba kwiBurundi yase ithola iphuzu kwezikaSenong.
INiger neBurundi badlale kahle kodwa bagcina ngokucazelana ngamaphuzu kwazise babambane ngo 3-3 kade ilandela ngemuva ngo 2-0 iBurundi le ezobhekana nezikaSenong namuhla ntambama.
“Sithole amathuba amabili amahle futhi engikholelwa ekutheni abengaguqula izinto kulo mdlalo. Okunye engikubonile ukuthi besibhekene neqembu eliphumule kangcono kunathi kwazise bebevele bewudlale kuqala kunathi owokuvula eyamaqoqo. Yonke imidlalo siya kuyona ngendlela efanayo. NoweBurundi ngeke sishintshe. Umqoka wona ngoba uzosikhombisa indlela, usicacisele nangezifiso zethu,” usho kanje uSenong ngemuva komdlalo weNigeria.
“Esengikuqaphelile ukuthi asinabo abadlali abazosishayela amagoli. Emuva konke sikwenza ngendlela kodwa uma sesiya phambili sidonsa kanzima impela. Sikuqonda kahle ukuthi kuzobe kunzima kanjani uma sesibhekene neBurundi. Siyayazi iBurundi. Siphoqelekile nokho ukuthi siyishaye ukuze sigweme ukuthi siwashe ijezi.”
Ngemuva komdlalo wezakhe neNiger umqeqeshi weBurundi, uJoslin Bipfubusa uthe: “Ngabe ngikhuluma iphutha uma ngingathi angeneme ngomphumela esiwuthole kwiNiger. Iqoqo lethu linzima kabi ngoba wonke amazwe azimisele futhi anawo amava okudlulela phambili. Baqale baba novalo abadlali bami kodwa sebeyaswabuluka manje. Sizolwa neNingizimu Afrika, ikulindele lokho.”