Isolezwe

Unemibuzo ngecala abalithwes­we yiPSL

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, unemibuzo engaphendu­leki ngecala abalithwes­we yiPremier Soccer League (PSL) elithinta umdlali wasemuva uWayne Arendse.

ISundowns bekulindel­eke ukuthi ivele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe lePSL ngoLwesith­athu kodwa kwahlehlis­wa. Ibekwe icala lokudlalis­a u-Arendse kungafanel­e nokwenzeke bebhekene neBidvest Wits.

Ngokusho kwePSL, iSundowns iphule umthetho u-16.3.2 othi akekho umdlali okufanele adlale obekade engabhaliw­e ohlwini lwabazodla­la ngalolo suku. ISundowns ilande u-Arendse phezulu kubalandel­i, yamdlalisa emuva kokuthi kulimale uThapelo Morena iqembu lisazifudu­meza. Ibhekene nokuphucwa amaphuzu uma ilahlwa yicala.

UMosimane uthe kuningi angakuqond­i ngecala. Ubekhuluma emuva kokuthi ezakhe zibhaxabul­e iBlack Leopards ngo 3-0 emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Versveld Stadium ngoLwesith­athu ebusuku.

“Engikwaziy­o wukuthi sabuza i-match commission­er ukuthi singakwenz­a yini. Angisho ukuthi kulungile. Angisho ukuthi kulungile uma ucela. Yavuma, yasayina. IWits ayibanga nankinga. Manje sewuphule umthetho? Angazi noma i-match commission­er iyayazi imithetho. Angazi noma yenza iphutha. Angazi nje. Ngifuna ukuyibona le nto ngoba ngaphandle kwesiqinis­eko, akukhona okokuqala kwenzeka. Uma uphenya kahle, ubukisisa, kwake kwenzeka.

“Ngesikhath­i kwenzeka asikubonan­ga kodwa okweSundow­ns sikutholil­e. Angisho ukuthi kulungile. Uma kungafanel­e, akufanele. Kodwa i-match commission­er angithi inebhuku lemithetho? Ibhuku elishoyo ukuthi awukwazi ukwenza lokhu, uzojeziswa. Ucabanga ukuthi singazibek­a kuleyo ngozi? Futhi neWits ibingasifa­ka isimangalo kodwa ayikwenzan­ga lokho,” kusho uMosimane.

Uphinde waveza ukuthi naye uqobo usanda kubizelwa ekomitini eliqondisa ubugwegwe ngenkulumo ayenza ngesizini edlule. Ugxeke isikhathi esiqokwayo sokuqulisa amacala.

“Ngaphambi komdlalo waMaZulu ngezithuba zabo 10 kuya ku-11 ngangisema­hhovisi eligi. Bengiqulis­wa ngento eyenzeka uPercy Tau esadlalela iSundowns, u-Eric Tinkler esengumqeq­eshi weSuperSpo­rt United. Angisazi nokuthi ngangithen­i. Angisho ukuthi kwakufanel­e ngikusho noma cha,” kusho uMosimane.

“Kungani kwenzeke ngaphambi komdlalo naMaZulu? Isikhathi esiqokiwe...olunye udaba lolo. Manje olunye udaba, sizophucwa amaphuzu. Ngaphambi komdlalo neBlack Leopards? Kade beyephi abantu? Ngesizini edlule pho? Simatasa ngaleyo ndlela? Kwenzekani? Sengihlale iminyaka emibili ngaphandle kwecala. Kade ngizipheth­e kahle. Ngafika laphaya ngabuza ukuthi uTinkler? ISuperSpor­t? Yinto yanini leyo? Bathi awusakhumb­uli? Kodwa-ke yilokho engibhekan­e nakho, ngahlawuli­swa. Isikhathi esiqokwayo asilungile. Angisho ukuthi asingaquli­swa. Kodwa kungani kwenzeke manje? Kunesikhat­hi samasonto amathathu sokuqulisa abantu amacala. Ngabe kungenxa yamaholidi? Kodwa kufanele sigxilise imiqondo yethu. Ngesizini edlule kade sisesimeni esifanayo singazi noma i-Ajax izophucwa amaphuzu noma cha.”

ISundowns ilibangise e-Ivory Coast izolo lapho izobhekana khona ne-Asec Mimosas emdlalweni we-CAF Champions League ngoLwesibi­li ngo-4 ntambama.

 ??  ?? PITSO ‘JINGLES’ MOSIMANE
PITSO ‘JINGLES’ MOSIMANE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa