Bayasongelana ngoweChiefs nePirates
UBUNGAZITSHELA ukuthi kuphansi ukuzethemba kubalandeli beKaizer Chiefs njengoba kuza umdlalo wabakhaya baseSoweto ne-Orlando Pirates kwazise iqembu labo selibhaxabulwe kathathu kulandelana.
Umdlalo wakusasa eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama uzobe ungowesine izikhawu zilandelana okungenzeka kube owesine iChiefs ihluleka wukujabulisa abalandeli bayo ngokuthi kube iyona enqoba izitha.
Nyakenye la maqembu ahlangane kabili kwiligi nakowomkhumulajezi iPirates ilokhu igiya ngethambo lezitha zayo.
Ngokwezinombolo iPirates iyona ebukeka inethuba lokuthi ithathe amaphuzu agcwele kulo mdlalo. Sekuphele iminyaka emihlanu iBucs ingahlulwa yiChiefs kwiligi.
Kwakungu-2014 Amakhosi egcina ukushaya eZimnyama kwiligi kanti leli qembu likaMilutin “Micho” Sredojevic alikahlulwa emidlalweni ewu-14 yeligi.
Phezu kwalokhu, omunye umlandeli wokuqina waMakhosi, uMasilo Machaka akaboni ezakhe zithelwa induku okwesine.
“Kulokhu sibheke ukuwina akukho okunye. Yithuba lethu lokugcina lokubuyisa isithunzi. Asikwazi ukuvumela iPirates izosishayela esibayeni sethu,” kusho uMachaka.
Uthemba ukuthi umqeqeshi u-Ernst Middendorp uzokwazi ukulungisa izindawo ezixegayo eqenjini ngaphambi komdlalo.
“Kumele silungise indaba yasemapalini nodonga lwethu ngoba yilapho engibona sibuthaka khona kakhulu. Okunye okusemqoka wukusebenzisa amathuba esiwakhayo. Asiyesabi iPirates sifuna ukubona amagoli futhi anginandaba noma singawina ngegoli lesandla noma iphenathi inqobo uma sizobehlula. Kufanele sibaphuthume sishaye noma amagoli amabili esiwombeni sokuqala,” usho kanje uMachaka.
IPirates isemaqenjini abanga isicoco seligi. Ihleli endaweni yesithathu kwi-log. IChiefs ibambe eyesihlanu.
UJoyce “Mama-Joy” Chauke ongumlandeli wePirates owaziyawo, uthe alikho iqembu angalesabi kwiligi njengeChiefs.
“Angazi ukuthi kuzobe kuwumngcwabo noma kuzobe kumbulwa itshe kodwa enginesiqiniseko sakho wukuthi kukhona umuntu ozofa. Sesibashaye kathathu kulandelana futhi siyobaphinda. Mina nje ngizobe ngihamba ngomgwaqo uBooysen (Mario) ngibheke emngcwabeni. Abantu abalindele uwafawafa womdlalo ngoba siyazi ukuthi nabo bafuna ukuziphindiselela. Kodwa ke mina ngiphethe iPSL (Pule, Shonga noLorch). Kulokhu nje sizobanika noma u 2-1 kuze nabo kube khona into abazoyijabulela,” kusho uMama-Joy.
Uthe iligi akanandaba nayo. “Sifuna inkanyezi thina. Asifani nalaba abanye. Kodwa lawa wona amaphuzu amathathu ngiwafuna ngqo. Uma sigcina siqeda endaweni yesibili engikwaziyo wukuthi sizobuyela e-Afrika (kwiCAF Champions League).”