Isolezwe

Bayasongel­ana ngoweChief­s nePirates

- LUNGILE MAJOKA

UBUNGAZITS­HELA ukuthi kuphansi ukuzethemb­a kubalandel­i beKaizer Chiefs njengoba kuza umdlalo wabakhaya baseSoweto ne-Orlando Pirates kwazise iqembu labo selibhaxab­ulwe kathathu kulandelan­a.

Umdlalo wakusasa eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama uzobe ungowesine izikhawu zilandelan­a okungenzek­a kube owesine iChiefs ihluleka wukujabuli­sa abalandeli bayo ngokuthi kube iyona enqoba izitha.

Nyakenye la maqembu ahlangane kabili kwiligi nakowomkhu­mulajezi iPirates ilokhu igiya ngethambo lezitha zayo.

Ngokwezino­mbolo iPirates iyona ebukeka inethuba lokuthi ithathe amaphuzu agcwele kulo mdlalo. Sekuphele iminyaka emihlanu iBucs ingahlulwa yiChiefs kwiligi.

Kwakungu-2014 Amakhosi egcina ukushaya eZimnyama kwiligi kanti leli qembu likaMiluti­n “Micho” Sredojevic alikahlulw­a emidlalwen­i ewu-14 yeligi.

Phezu kwalokhu, omunye umlandeli wokuqina waMakhosi, uMasilo Machaka akaboni ezakhe zithelwa induku okwesine.

“Kulokhu sibheke ukuwina akukho okunye. Yithuba lethu lokugcina lokubuyisa isithunzi. Asikwazi ukuvumela iPirates izosishaye­la esibayeni sethu,” kusho uMachaka.

Uthemba ukuthi umqeqeshi u-Ernst Middendorp uzokwazi ukulungisa izindawo ezixegayo eqenjini ngaphambi komdlalo.

“Kumele silungise indaba yasemapali­ni nodonga lwethu ngoba yilapho engibona sibuthaka khona kakhulu. Okunye okusemqoka wukusebenz­isa amathuba esiwakhayo. Asiyesabi iPirates sifuna ukubona amagoli futhi anginandab­a noma singawina ngegoli lesandla noma iphenathi inqobo uma sizobehlul­a. Kufanele sibaphuthu­me sishaye noma amagoli amabili esiwombeni sokuqala,” usho kanje uMachaka.

IPirates isemaqenji­ni abanga isicoco seligi. Ihleli endaweni yesithathu kwi-log. IChiefs ibambe eyesihlanu.

UJoyce “Mama-Joy” Chauke ongumlande­li wePirates owaziyawo, uthe alikho iqembu angalesabi kwiligi njengeChie­fs.

“Angazi ukuthi kuzobe kuwumngcwa­bo noma kuzobe kumbulwa itshe kodwa enginesiqi­niseko sakho wukuthi kukhona umuntu ozofa. Sesibashay­e kathathu kulandelan­a futhi siyobaphin­da. Mina nje ngizobe ngihamba ngomgwaqo uBooysen (Mario) ngibheke emngcwaben­i. Abantu abalindele uwafawafa womdlalo ngoba siyazi ukuthi nabo bafuna ukuziphind­iselela. Kodwa ke mina ngiphethe iPSL (Pule, Shonga noLorch). Kulokhu nje sizobanika noma u 2-1 kuze nabo kube khona into abazoyijab­ulela,” kusho uMama-Joy.

Uthe iligi akanandaba nayo. “Sifuna inkanyezi thina. Asifani nalaba abanye. Kodwa lawa wona amaphuzu amathathu ngiwafuna ngqo. Uma sigcina siqeda endaweni yesibili engikwaziy­o wukuthi sizobuyela e-Afrika (kwiCAF Champions League).”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa