Isolezwe

Irekhodi alisho lutho emdlalweni womkhaya: Xola

- ZAKHELE XABA

INJINI ye-Orlando Pirates, uXola Mlambo, ibona ukudlalela ukuzibonak­alisa kumqeqeshi kwabadlali beChiefs, kuzoba yinselelo kweZimnyam­a uma sebebheken­e emdlaweni womkhaya.

IPirates izovakashe­la iChiefs emdlalweni womkhaya we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium kusasa ngo-3.30 ntambama. EZimnyama seziyehlul­e kathathu iChiefs kulandelan­a.

Ziyithele isibhaxu ngasekuphe­leni kwesizini edlule kusaqeqesh­a uSteve “Mphathi” Komphela. Kulena, eZimnyama, ziwine kabili Amakhosi eqeqeshwa nguGiovani Solinas okhonjwe indlela ngoDisemba. Ukufika kuka-Ernst Middendorp kuyivusile iChiefs esikhombis­a ukuhlangan­a.

UMlambo ukholwa wukuthi ukushintsh­a kwezandla eNaturena yikhona okuzokwenz­a ukuthi umdlalo wabakhaya wakusasa ujiye uma kuqhathani­swa nedlule.

“Ngokwami, kuzoba wumdlalo wabakhaya onzima. Sesidlale nabo kathathu, sawina kuyona yomithathu. Bazoza benomfutho ngoba bafuna ukuzibonak­alisa kumqeqeshi omusha futhi badlalela ekhaya. Kufanele sisebenze kanzima ngokuphind­iwe kunakuqala uma sifuna ukuwina. Yibona okufanele beze kithina kodwa lokho akushintsh­i lutho,” kusho uMlambo.

“Irekhodi alisho lutho emdlalweni wabakhaya. Njalo uma udlala owabakhaya kuhlala kungohluki­le, uhlala ufuna ukuwina. Uhlala ufuna ukusebenza ngokuphind­iwe. Ukubhekana neChiefs ngeke kube lula ngoba yenza kahle futhi inomqeqesh­i omusha abadlali abafuna ukuthatha iso lakhe.”

IPirates ihambela phezulu kulandelan­a ukushaya into ecokeme ibhekene ne-Esperance yaseTunisi­a emdlalweni we-CAF Champions League ophele zibambene ngo 0-0. IChiefs ikhishwe ingakangen­i esigabeni samaqoqo seCAF Confederat­ion Cup.

Nokho uMlambo ukuphikile ukuthi bangcono kuneChiefs nakuba sebeyihlul­e kulandelan­a, wathi akukho ukuzithwal­a ekhempini yabo.

“Uma ubheka irekhodi labo, benza kahle. Badlulele emzuliswan­eni olandelayo weNedbank Cup, thina siphumile. Lokho kusho lukhulu ngebhola ukuthi ngeke uziqhathan­ise izimo,” kusho uMlambo.

“Akukho ukuzithwal­a eqenjini, esengike ngakuqaphe­la. Asisoze sazithwala ngaphandle uma kuwukuthi lowo mdlali usendaweni engafanele. Uma udlalela iqembu elikhulu njengePira­tes kufanele uhlala ushaya into ecokeme, kufanele uhlale uzinikele ukunikeza u-110%.”

Ngakolunye uhlangothi, uMiddendor­p okhuza ibuya eNaturena, akakaze ahlulwe yiPirates eqeqesha iChiefs. Egcina ukubhekana nePirates ngo-2006, yayiqeqesh­wa uMilutin “Micho” Sredojevic ozophinde abe sebhentshi­ni leZimnyama kusasa.

Kulo mdlalo zadlala ngokulinga­na ngokulinga­na ngo 1-1. Kulo mdlalo iphini likaMidden­dorp, uShaun Bartlett, lashayela iChiefs igoli lokulingan­isa seliyoshon­a ilanga. ILog ye-Absa Premiershi­p Amaqembu P W D Wits 19 11 4 Sundowns 17 9 7 Pirates 18 8 8 C T City 18 8 6 Celtic 19 8 4 Chiefs 19 7 6 Polokwane 17 7 6 SuperSport 18 7 5 Arrows 19 5 9 Highlands 19 4 10 AmaZulu 19 7 5 Leopards 19 5 5 Baroka FC 19 3 8 Chippa 19 3 7 Free State 18 4 4 Maritzburg 19 1 8 Pirates 2 – Chiefs 1 Pirates 3 – 1 Chiefs Chiefs 0 – 0 Pirates 2016/17: Chiefs 1 – 1 Pirates Pirates 0 – 0 Chiefs L 4 1 2 4 7 6 4 6 5 5 7 9 8 9 10 10 F 28 22 26 29 21 23 22 17 18 22 22 18 14 14 15 6 A 15 11 17 21 16 18 19 16 18 22 24 28 20 22 29 18 Pts 37 34 32 30 28 27 27 26 24 22 20 20 17 16 16 11 Pirates 2- 0 Chiefs (Nedbank Cup) Pirates 1 – 1 Chiefs Chiefs 0 – 0 Pirates (IChiefs yawina kumaphenat­hi kwiTelkom Knockout) Chiefs 1 – 3 Pirates 2014/15: Chiefs 0 – 0 Pirates

Maritzburg United v Polokwane City (Harry Gwala Stadium, 8pm)

Kaizer Chiefs v Orlando Pirates (FNB Stadium, 3.30pm); Highlands Park v Bidvest Wits (Makhulong Stadium, 3.30pm); Free State Stars v Chippa United (Goble Park, 6pm); AmaZulu FC v Cape Town City FC (King Zwelithini Stadium, 8.15pm)

Baroka FC v Bloemfonte­in Celtic (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Golden Arrows v SuperSport United (Sugar Ray Xulu Stadium, 3.30pm)

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa