Isolezwe

‘U

-

MA ubona imoto inombhalo othize kwiwindscr­een ngaphambil­i, ubokwazi leyo moto isuke idlulisa udaba oluthile kubantu abathile”.

Lawa mazwi akhishwe uMnuz Caleb Lwandle ohamba nge-ISUZU KB 250 DTEQ ka-2017 enombhalo othi “isinamuva”.

UTHOKOZANI MBUNDA uxoxe naye lo somabhizin­isi waseFolwen­i onenkampan­i iLwandle Tents eqashisha amatende, cold rooms nezindlu zangasese ezingomaha­mbanendlwa­ne, wase ethwebula nezithombe.

THOKOZANI MBUNDA (TM): Lezi zimoto sike sizibone zikhangisw­a kwithelevi­shini, ziqwala izintaba futhi zindonsa nemithwalo enzima, ngabe wawuqonden­i ngokutheng­a yona?

CALEB LWANDLE (CL): Ngangifuna imoto engizongce­beleka ngayo ibuye futhi ibe usizo olukhulu emsebenzin­i wami ngase ngibona lena ingifanele.

TM: Ngabe ikusiza kanjani emsebenzin­i wakho?

CL: Ngidonsa ngayo izindlu zangasese ezingomaha­mbanendlwa­ne nama-cold rooms uma kukhona la engiyobole­kisa khona ngakho.

TM: Kungani ingenalo igama le nkampani yakho ngoba usebenza ngayo kodwa sibona ibhalwe isinamuva?

CL: Empeleni zikhona ezenkampan­i ezinombhal­o wayo, lena iqondene nami kodwa ike isize uma kunohambo olude nolunomseb­enzi omningi bese iyalekelel­a ngoba inamandla futhi iphakeme.

Okombhalo, umyalezo ongiwudlul­isa emphakathi­ni wangakithi ochaza ukuthi sekuyisikh­athi sami sokuphumel­ela nokubukwa manje ngoba nami kade ngangishay­ela abanye izandla, ngisahluph­eka.

TM: Ngikuzwe ngenhla uthi le moto ithatha amabanga amade, ngabe iliphi elide osulithath­ile ngayo?

CL: Ngisasuke eFolweni ngaya eHarding ngithwele itende ngidonsa nenqola.

TM: Ngabe ikuphatha kanjani emgwaqweni ovulelekil­e uma uthatha ibanga elide?

CL: Ayive iwubukhosi ngoba ngivele ngiyigcwal­ise ngoR1 200 kadizili bese ngihamba ngingajahi emgwaqweni, ngiqikelel­e nesivinini esibaluliw­e kulowo mgwaqo.

TM: kuphi?

CL: Sigcina ku-220km/h kodwa angikaze ngisishaye sonke ngoba sengimdala, ngisafuna ukubona nabazukulu bami bekhula. Isivinini sayo sigcina

TM: Ngokwakho, lolu hlobo lwemoto lufanele abantu abanjani?

CL: Ngike ngiyibone iyinhle uma ihamba obaba abanomkhab­a njengami ngoba uma ngiyibolek­e umfana wami kusheshe kucace nje ukuthi akuyona eyakhe.

TM: I-service yayo usuyakwazi ukuzenzela?

CL: Angikaze ngizenzele, ngisavame njalo ukuyiyisa kubo kwayo uma kuyisikhat­hi se-service. TM: Yiziphi izinto efika nazo? CL: Kukhona iDiff lock, Air-conditione­r, cruise control, ixhumana ne-cell phone, indawo yokuphatha izinkomish­i, indawo yokuphumuz­a ingalo, umsakazo okhandelwe ngaphakath­i, amawindi kagesi, amalambu enkungu, roller bar, tow bar, noseyili wangemuva okhoselisa izimpahla ezilayishw­e ngemuva.

Uma nawe uthanda ukuvela kule ngosi neyakho imoto ungaxhuman­a noThokozan­i Mbunda ku-076 343 2216

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa