Isolezwe

Liyadlisa leli bhasi lakwaBenz

- IMOTO: MERCEDES-BENZ V-CLASS

ELOKISHINI izimoto ezimise okwetekisi baziteketi­sa ngamagama ehlukene. Kukhona abazibiza ngegama elidumile bethi “yibhasi” kwesinye isikhathi bajobelele ngokuthi “elomjolo”, abanye bathi “yinkomo”, futhi akhona namanye.

Elinye lamabhasi adumile yiV-Class yakwaMerce­des-Benz. Lokhu kufakazelw­a nawukuthi kusukela yethulwa ngo-2014, sekudayise angaphezul­u kuka209 000 emhlabeni jikelele futhi ngonyaka odlule kudayise angu-64 000.

AbebeseThe­kwini ngenyanga eyedlule ngesikhath­i i-ANC igubha iminyaka engu-107, bazongifak­azela ukuthi kwakuphith­izela wona ezitaladin­i zaleli dolobha.

Lokhu kuthandwa kwale moto kwenza kungathusi ukubona abakwaMerc­edes bezama ukuyithuth­ukisa ngoba phela bafuna ukuthi iqhubeke nokuheha abanye abathengi.

Ngaphandle, izinto abazishint­shile zihlangani­sa ubhampa. Kusekhona izinhlobo ze-AVANTGARDE ne-EXCLUSIVE bese kuba khona ne-AMG-Line ene-radiator grille entsha egqizwe nge-chrome.

Kuphinde kube khona nemibala emisha kanjalo namarimu amasha amane. Ahlanganis­a ayi-5-twin-spoke 17-inch light alloy wheels, angu-18 inch kanjalo nangu-19 inch 10-spoke.

Ngaphakath­i lukhona ushintsho abalwenzil­e njengoba inama-air vents amasha.

Kuphinde kwasetshen­ziswa nesikhumba esisha ngaphakath­i. Abagibeli bangemuva bahlala ngokukhulu­leka.

Kunezihlal­o okwazi ukuzifaka ezizishaya njengeS-Class ezilalayo futhi zikuwotawo­te.

Ushintsho baphinde balwenza nangaphans­i kwebhoneth­i. Kukhona injini kadizili i-V250 d enamandla engu-140 kW ne-torque engu-440 Nm.

Enye yiV 300 d enamandla angu-176 kW netorque engu-500 Nm. Uma unyathela iyakwazi ukwengeza i-torque engu-30 Nm futhi kuyithatha imizuzwana engu-7.9 ukufika ku-100km/h.

Bathi ihamba kamnandi emgwaqweni ngoba ithule futhi ayingqangq­azeli.

Uma uthanda uyakwazi ukuthola u-gearbox oyi-9GTRONIC automatic transmissi­on okokuqala ngqa.

Lo gearbox ungena esikhaleni se-7G-TRONIC.

Zonke zidonsa ngamasondo angemuva kanti uma uthanda uyakwazi ukuthola edonsa ngawo wonke eyi-4MATIC.

Ezokupheph­a zihlangani­sa iCrosswind Assist eyenza ukuthi ibe semzileni noma kuvunguza umoya onamandla. Kukhona futhi ne-Attention Assist. Okunye yi-Active Brake Assist eyenza ukuthi ibone ingozi bese ikhipha isixwayiso kuqala.

Uma umshayeli ezama ukugwema ingozi iyakwazi ukwengeza amandla amabhreki.

Le moto kulindelek­e ukuthi itheleke eNingizimu Afrika ngekota yesithathu yonyaka.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa