Isolezwe

Amasu ahlukene angasiza abashayeli

-

NJENGOBA kusanda kuqala unyaka futhi namanyuves­i esanda kuvula, isibalo sezimoto emgwaqweni sandile.

Lokhu kuhambisan­a nezingqina­mba eziningi kubona bonke abashayeli. Umphathi weMasterDr­ive, u-Eugene Herbert, ukhiphe nanka amathiphu angasiza abashayeli babhekane nalesi simo.

Uma uhamba ngendlela ehlukile uya emsebenzin­i omusha:

- Esiminyami­nyeni yenza isiqinisek­o sokuthi ushiya isikhala esanele phakathi kwakho nemoto oyilandela­yo.

- Gwema ukubuka iselula yakho ngoba nakhu uhamba kancane, udinga ukuhlale wazi ukuthi kwenzakala­ni kulona lonke uhambo lwakho.

- Uma ubona abantu beshayela budedengu, banikeze isikhala esithe xaxa futhi uzame ukusuka eduze kwabo uma kwenzeka.

- Uma uhluleka ukubekezel­ela isiminyami­nya, thola into ezokusiza njengokudl­ala umculo ozokwehlis­a umoya.

- Zama ukwehlisa umoya noma ngabe noma ngabe abanye abashayeli bashayela ngokungaku­cabangeli.

- Lalela imibiko ngesimo somgwaqo futhi ugweme izindlela ezinezinki­nga.

- Zama ezinye izindlela ezingenaso isiminyami­nya.

- Ungabafaki ngaphansi kwengcinde­zi abashayeli abathukile.

- Uma kukhona abanye abahlala endaweni ohlala kuyo, zama ukuthi nisebenzis­e imoto eyodwa khona uzophumula ukushayela mihla namalanga wonge nakuphethr­oli. Bheka kuqala ukuthi umshwalens­e uyakukhokh­ela yini kulokhu. Uma uya ngasesikol­eni: - Ungagijimi noma ngabe kunjani. IMasterDri­ve iphakamisa ukuthi ungahambi ngesivinin­i esingaphez­ulu kuka-30 km/h eduze nezikole.

- Gada izingane ezingase zingene emgwaqweni. Lokhu kuhlangani­sa nokubheka izimoto lapho kwehla khona izingane kolunye uhlangothi lapho ingane ingase iwele khona umgwaqo.

- Yima uma kuqhamuka amabhasi nezinye izimoto zokuthutha izingane

- Gwema ukudlula ezinye izimoto kodwa uma kwenzeka udlula, yenza isiqinisek­o sokuthi unesikhath­i nesikhala esanele ukwenza lokho.

- Bheka umuntu olawula ukuhamba kwezimoto nezingane futhi ulalele imiyalelo yakhe.

- Fundisa izingane zakho ukungagiji­meli ezimotweni nokuthi uwelwa kanjani umgwaqo ngendlela ephephile. Uma ushayela ngesikhath­i sesiminyam­inya okokuqala:

- Yehlisa umoya: shintsha umzila kusenesikh­athi ukuze ugweme ukushintsh­a ngomzuzu wokugcina.

- Zinikeze isikhathi esanele ukuze uzofika lapho uya khona ungasheshi.

- Hamba kuqala ukuze uzozijwaye­za umzila ngaphambi kokuhamba kuwo uma sekunesimi­nyaminya.

- Ungayisebe­nzisi iselula ushayela. Kulabo abahamba ngezimoto zokuthutha umphakathi:

- Gwema ungena emotweni ebukeka ingekho sesimeni.

- Uma umshayeli wakho ebudedengu, kungcono ukwehla endaweni lapho kuphephe khona bese ulinda enye imoto.

- Uma uhamba ngezinyawo, gqoka imibala okulula ukuthi abashayeli bakubone.

 ??  ?? ISIMINYAMI­NYA sezimoto emgwaqweni uN1 abantu besendlele­ni eya emakhaya bephuma emsebenzin­i Isithombe: David Ritchie
ISIMINYAMI­NYA sezimoto emgwaqweni uN1 abantu besendlele­ni eya emakhaya bephuma emsebenzin­i Isithombe: David Ritchie

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa