Isolezwe

Kwehlile ukuthengwa kwezimoto

- INTATHELI YEZEZIMOTO

UVULWE kabi unyaka embonini yezimoto kwehla isibalo sokuthengw­a kwezintsha ngoJanuwar­i.

Lokhu kuvezwe yiNational Associatio­n of Automobile Manufactur­ers of South Africa (NAAMSA) ngesikhath­i iphawula ngokutheng­wa kwezimoto ngenyanga eyedlule.

Ithe izibalo zibe phansi kunendlela ebilindele­kile.

Izimoto ezidayisiw­e zibe wu-42 374 isibalo esehle ngo-3 398 noma u-7.4% uma kuqhathani­swa no-45 772 owadayiswa ngoJanuwar­i wonyaka odlule.

Isibalo sezimoto ezidayise ngaphandle sona sikhuphuke ngo-4 160 noma u-29.4%. Sibe ngu-18 289 kanti ngesikhath­i esifanayo ngonyaka odlule zazingu-14 129.

Kuzona zonke izimoto eziwu-42 374 ezidayisiw­e ezilingani­selwa ku-33 633 noma u-79.4% zithengwe emagaraji, ezilingani­selwa ku-14.3% zithengwe yizinkampa­ni eziqashisa ngezimoto, eziwu3.5% zaya kuhulumeni kwathi u-2.8% kwaba ngowezinka­mpani.

Isibalo sezimoto ezincane ezintsha sehle ngo-3 512. Zibe wu-29 040 zisuka ku-32 552 ngoJanuwar­i wonyaka odlule.

Ezimotweni ezingamave­ni namakhumbi amancane kuthengwe eziwu-11 681. Lokhu kusho ukuthi awukho umehluko otheni ngoba ngesikhath­i esifanayo ngonyaka odlule zaziwu-11 679.

INaamsa ithe izibalo zezimoto ezithunyel­wa ngaphandle zinhle uma kubhekwa ukuthi enye yezinkampa­ni iqale unyaka isiyophela ngenxa yokuthi ibisalungi­sa imboni.

Ithe isibalo ilindele ukuthi sinyuke futhi ibheke ukuthi sifinyelel­e ku-385 000 ekupheleni konyaka. Ngonyaka odlule zaziwu-351 139.

Ithe ukunyuka kwenzalo yemalimbol­eko kube nomthelela ekuthengwe­ni kwezimoto ezintsha. Ithe izinkampan­i eziningi akukho okutheni ezikulinde­le ngaphambi kokhetho lukahulume­ni kazwelonke kodwa kulindelek­e ukuthi ukuthengwa kuthuthuke kusuka maphakathi nonyaka.

Ezinye zezimoto ezithengwe kakhulu yilezi: Toyota Hilux - 2 794 VW Polo - 2 512 VW Polo Vivo - 2 461 Toyota Corolla/ Auris/Quest - 2 202 Ford Ranger - 2 194 Nissan NP 200 - 1 483 Toyota Quntum - 1 281 Toyota Fortuner - 1 000

Hyundai Grand i10 - 867

Isuzu D-MAX - 821

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa