Isolezwe

Ushiye umyalezo ngemfuyo obulewe

-

kuMasipala i-Alfred Duma, kuthiwa bekungakap­heli isikhathi eside eyalele omunye wabangani bakhe ukuthi enze isiqinisek­o sokuthi imfuyo yakhe inophawu. Umfowabo, uMnuz Sizwe Hlatshwayo abehlala naye, uthe umfowabo ubengakukh­onzile ukukhuluma, ubethula noma kukhona into emphethe kabi kodwa uzwe kuthiwa ubeke wayaleza ukuthi imfuyo yakhe ayiphawulw­e kahle.

“Umfowethu bekungumun­tu ozithandel­a umsebenzi, uma kunento emphethe kabi ubethula nayo, ubeze akhulume uma kunomseben­zi okumele umenzele wona. Ubefuna into yenziwe ngendlela ayichaze ngayo ungashints­hi nokuncane. Uma uke washintsha indlela akutshele yona benixabana,” kusho yena.

Uqhube wathi akukho umfowabo abeke wakusho okusondele­ne nokuthi kukhona abafuna ukumbulala.

“Indlela okwenzeke ngayo sisola ukuthi yinto ebihleliwe futhi bekwaziwa ukuthi ekuseni edolobheni kuba nesiminyam­inya, izimoto zihamba kancane, nebala bekunjalo, ababulali bamdubule ebanjwe yisiminyam­aminya. Sithemba ukuthi amaphoyisa azoqhamuka nomkhondo ngoba okwamanje sisadideki­le, akukho esikwaziyo,” kusho yena.

IMenenja yezokuXhum­ana kuMasipala i-Alfred Duma, uMnuz Siyabonga Maphalala, ithe uHlatshway­o ubeneminya­ka ewu-15 esebenzela lo masipala. Waqala ukusebenza kuwo kusewuMnam­bithi.

Uthe phakathi kweminye imisebenzi encomekayo ayenzele lo masipala, ukuhola uhlelo lokuhlanga­niswa kwengqalas­izinda, ngesikhath­i kuhlangani­swa uMasipala uMnambithi ayewuseben­zela neNdaka, kusungulwa i-Alfred Duma, ngo-2015.

Umfowabo kamufi uthe uzofihlwa ngoMgqibel­o.

 ??  ?? UMNUZ Simingaye Oscar Hlatshwayo obeyisikhu­lu
UMNUZ Simingaye Oscar Hlatshwayo obeyisikhu­lu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa