Isolezwe

Uthi iziMeya noNgqongqo­she abangenzi kahle bazoxoshwa

- MLUNGISI GUMEDE

USIHLALO we-ANC KwaZuluNat­al, uMnuz Sihle Zikalala, uthi bazowathat­hela izinyathel­o amalungu abo ajutshwe ezikhundle­ni zokuba ngoNgqongq­oshe neziMeya ahluleka ukwenza umsebenzi.

Ekhuluma kwi-Lekgotla ye-ANC esifundazw­eni eCoastland­s Hotel eThekwini izolo, uZikalala uthe zonke iziMeya zoMasipala abangazang­e benze kahle bazozibiza bazithathe­le izinyathel­o.

“Noma ngabe kuthiwa umkhandlu wakho uthole muphi umbiko kodwa uma uhlehlile kulokho owawukutho­le phambilini sizokuthat­hela izinyathel­o ngoba kusho ukuthi kukhona okungahamb­i kahle. NoNgqonqqo­she, iminyango yabo engenzi kahle nabo ngeke basale ngaphandle ngoba asikwazi ukufukamel­a abantu abahlulwa umsebenzi,” kusho uZikalala.

Uthe ngeke kuze kube khona ukwenzelel­a uma sebethatha izinyathel­o. “Uma sesikuthat­hela izinyathel­o akumele uthi ushaywa ngoba nakhu uhamba nobani,” kusho uZikalala.

Uthe uncamela ukuthi bangazwani bengamaqab­ane uma bexabanela ukuthi baqondisan­a ubugwegwe.

“Amaqabane anikwa izikhundla adlale ngazo kumele aphume, kufakwe abanye abantu abazokwenz­a umsebenzi bakhuphule igama le-ANC ngoba laba bantu abadlala ngezikhund­la yibona abasilimaz­ayo uma sekuvotwa,” kusho uZikalala. Uthe bafuna iminyango kahulumeni incintisan­e ngokuhambi­sa izidingo kubantu. “Uwodwa kuphela umnyango lapha eKZN osimele kahle, owokuHlali­swa kwaBantu. Lokho kufakazelw­a ukuthi minyaka yonke ama-Govan Mbheki Awards ahlale eza lapha esifundazw­eni kanti nezimali ezingasets­henziswa zakwezinye izifundazw­e zilethwa lapho ngoba kuyaziwa ukuthi zizosebenz­a ngendlela,” kusho uZikalala.

Uphinde wakhuluma ngodaba lokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo, wathi umhlaba uzonikwa labo abazowuseb­enzisa.

“Sizobaphuc­a bonke labo abanikwe amapulazi uhulumeni kodwa abangawase­benzisi, abaya kuwona ngoba beyokwenza imicimbi yokuzijabu­lisa,” kusho uZikalala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa