Uthi iziMeya noNgqongqoshe abangenzi kahle bazoxoshwa
USIHLALO we-ANC KwaZuluNatal, uMnuz Sihle Zikalala, uthi bazowathathela izinyathelo amalungu abo ajutshwe ezikhundleni zokuba ngoNgqongqoshe neziMeya ahluleka ukwenza umsebenzi.
Ekhuluma kwi-Lekgotla ye-ANC esifundazweni eCoastlands Hotel eThekwini izolo, uZikalala uthe zonke iziMeya zoMasipala abangazange benze kahle bazozibiza bazithathele izinyathelo.
“Noma ngabe kuthiwa umkhandlu wakho uthole muphi umbiko kodwa uma uhlehlile kulokho owawukuthole phambilini sizokuthathela izinyathelo ngoba kusho ukuthi kukhona okungahambi kahle. NoNgqonqqoshe, iminyango yabo engenzi kahle nabo ngeke basale ngaphandle ngoba asikwazi ukufukamela abantu abahlulwa umsebenzi,” kusho uZikalala.
Uthe ngeke kuze kube khona ukwenzelela uma sebethatha izinyathelo. “Uma sesikuthathela izinyathelo akumele uthi ushaywa ngoba nakhu uhamba nobani,” kusho uZikalala.
Uthe uncamela ukuthi bangazwani bengamaqabane uma bexabanela ukuthi baqondisana ubugwegwe.
“Amaqabane anikwa izikhundla adlale ngazo kumele aphume, kufakwe abanye abantu abazokwenza umsebenzi bakhuphule igama le-ANC ngoba laba bantu abadlala ngezikhundla yibona abasilimazayo uma sekuvotwa,” kusho uZikalala. Uthe bafuna iminyango kahulumeni incintisane ngokuhambisa izidingo kubantu. “Uwodwa kuphela umnyango lapha eKZN osimele kahle, owokuHlaliswa kwaBantu. Lokho kufakazelwa ukuthi minyaka yonke ama-Govan Mbheki Awards ahlale eza lapha esifundazweni kanti nezimali ezingasetshenziswa zakwezinye izifundazwe zilethwa lapho ngoba kuyaziwa ukuthi zizosebenza ngendlela,” kusho uZikalala.
Uphinde wakhuluma ngodaba lokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, wathi umhlaba uzonikwa labo abazowusebenzisa.
“Sizobaphuca bonke labo abanikwe amapulazi uhulumeni kodwa abangawasebenzisi, abaya kuwona ngoba beyokwenza imicimbi yokuzijabulisa,” kusho uZikalala.