Kubuya ezokunqanyulwa kukagesi
INKAMPANI i-Eskom isimemezele ukuthi kubuyile ukunqamuka kukagesi kusukela izolo.
“I-Eskom ibikela abantu namakhasimende ayo ukuthi kuyabuya ukunqamuka kukagesi,” kusho isitatimende esithunyelwe yinkampani.
Sithe lokhu kuzokwenzeka ngenxa yokushoda kwamandla kagesi.
“Amakhasimende ayakhunjuzwa ukuthi angazithinti noma yikanjani izimpahla zikagesi emakhaya. Ukunqanyulwa kwamandla kagesi kwenziwa ngenhloso yokuzama ukugwema ukuthi inkampani ingagcini isihluleka ukuhlinzeka izakhamuzi ngogesi. Sizoqhubeka nokunxusa izakhamuzi nosomabhizinisi ukuba bawonge ugesi ngokucima izimpahla ezingasebenzi,” kuqhuba isitatimende.
Izikhathi zokunqamuka kwamandla kagesi ziyatholakala kwi-website yakwa-Eskom ethihttp://loadshedding.eskom.co.za noma uma ushayele ku-0860 037 566.