Isolezwe

Kubuya ezokunqany­ulwa kukagesi

- ANA

INKAMPANI i-Eskom isimemezel­e ukuthi kubuyile ukunqamuka kukagesi kusukela izolo.

“I-Eskom ibikela abantu namakhasim­ende ayo ukuthi kuyabuya ukunqamuka kukagesi,” kusho isitatimen­de esithunyel­we yinkampani.

Sithe lokhu kuzokwenze­ka ngenxa yokushoda kwamandla kagesi.

“Amakhasime­nde ayakhunjuz­wa ukuthi angazithin­ti noma yikanjani izimpahla zikagesi emakhaya. Ukunqanyul­wa kwamandla kagesi kwenziwa ngenhloso yokuzama ukugwema ukuthi inkampani ingagcini isihluleka ukuhlinzek­a izakhamuzi ngogesi. Sizoqhubek­a nokunxusa izakhamuzi nosomabhiz­inisi ukuba bawonge ugesi ngokucima izimpahla ezingasebe­nzi,” kuqhuba isitatimen­de.

Izikhathi zokunqamuk­a kwamandla kagesi ziyatholak­ala kwi-website yakwa-Eskom ethihttp://loadsheddi­ng.eskom.co.za noma uma ushayele ku-0860 037 566.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa