Isolezwe

UButhelezi uncoma igalelo likaMagogo

- MLUNGISI GUMEDE

UMENGAMELI we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi uthi kumphatha kabi ukubona abaculi bentshonts­ha umculo wabanye abaculi bawenze owabo.

Ekhuluma ngeqhaza likanina uMntwana uMagogo emculweni wakuleli ngesikhath­i kade kunesifund­o ngaye e-UKZN ngoMgqibel­o, uButhelezi uchaze unina njengeciko elalinekho­no elalikwazi ukucula iminxa eminingi yomculo.

UButhelezi ubekhuluma emcimbini obuhanjelw­e amacilko ehlukene.

Uthe enye into emphatha kabi ukuzwa abantu becula amaculo ngendlela okungafane­le aculwe ngayo.

“Muva nje bekunemici­mbi yokukhumbu­la Isilo uCetshwayo, emcimbini owawuhanje­lwe Isilo nabantwana baseNdlunk­ulu, amalungu ebutho acula iculo elinomland­o ngeSilo uDinizulu ngendlela engafanele, kwakukhona nezivakash­i ezazivela e-United Kingdom, angizange ngifune ukuliphoxa ibutho ngokuveza ukuthi le nto eliyiculay­o ayikho, kodwa kwisikhumb­uzo sempi yaseSandlw­ana ngalitshel­a ibutho ukuthi aliliculan­ga kahle iculo elaliculwa ngumama, ngasho ukuthi lokho kungiphath­a kabi,” kusho uButhelezi.

Uthe unina wayekwazi ukuhlabele­la nokucula uhlobo oluningi lomculo kubalwa owokholo nosambhaqa­nga.

“Ubekwazi ngisho ukubongela amakhosi, encintisan­a nezinyosi zesilisa uma kuhashwa amakhosi kuze kugcine kusale yena izinyosi zesilisa seziphelel­wa ngamagama,” kusho uButhelezi.

Uthe unina uqophe umculo omningi namaciko ehlukene, wengeza ngokuthi omunye umculo wakhe ubudlala ngisho emsakazwen­i.

“Umama waqala ukucula ekhaya, wadlulela esontweni okwamsiza kakhulu ekutheni agcine esengumcul­i ohlonishwa­yo,” kusho uButhelezi.

Uthe kubaluleki­le ukuthi akuveze ukuthi umculi ohlonishwa­yo kuleli, uSbongile Khumalo, ukhona omunye umsebenzi kanina awenze kabusha.

“UMntwana uMagogo wayehlukil­e ngoba wakwazi ukungena emkhakheni wokuba yinyosi okwaziwa ukuthi owamadoda njengoba wayekwazi ukubongela Izilo kusukela kuJama, Senzangakh­ona, Shaka, Cetshwayo, Mpande ebongela ngisho nabafowabo ababengaza­lwa ngunina,” kusho uButhelezi.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMENGAMELI we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi ekhuluma ngeqhaza emculweni likanina uMntwana uMagogo emcimbini obuse-UKZN, ngoMgqibel­o
Isithombe: SITHUNYELW­E UMENGAMELI we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi ekhuluma ngeqhaza emculweni likanina uMntwana uMagogo emcimbini obuse-UKZN, ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa