Isolezwe

Odilika neminyaka kwababulal­a abasehoste­la

- INTATHELI YESOLEZWE

BAGWETSHWE odilikajel­e neminyaka engu-54 ababulali ababili abahlasela ehostela KwaMashu babulala abantu. NgoFebhuwa­ri 7 nonyaka iNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni igwebe ababulali, uSfiso Gumede (29) noSizwe Mthiyane (34) odilikajel­e ababili umuntu ngamunye neminyaka engu-54 ngaphezulu.

Inkantolo ithe ibagixabez­a ngeminyaka engu-30 ngecala lokuzama ukubulala, engu-15 ngecala lokubamba inkunzi, neminyaka eyisishiya­galolunye ngecala lokutholak­ala nezibhamu.

Ngo-Okthoba 2018 abesilisa babehlezi beyiqulu endaweni yokucima ukoma emgwaqweni uXolo khona ehostela, kwafika amadoda amane azenza abathengay­o. Atshelwa ukuthi utshwala sebuphelil­e, akhipha izibhamu afuna ngodli imali namafoni kubantu ababehlezi endaweni yokucima ukoma.

Lawa madoda kuthiwa aphinda adubula abantu ababezihla­lele.

Kwashona uMnuz Bongikosi Biyela (29) noMnuz Sibonelo Mbanjwa (33) kulesi sigameko. Abanye abane balimala baphuthiny­iswa esibhedlel­a. Amaphoyisa aKwaMashu abe esevula icala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokubamb­a inkunzi. Imiphumela yokuhlolwa kwezibhamu yaveza ukuthi yizo ezasebenza kulesi sehlo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa