Isolezwe

Ukhathele ukungcwaba amaphoyisa uCele

- MLUNGISI GUMEDE

UNGQONGQOS­HE wamaphoyis­a kuleli uMnuz Bheki Cele uth usekhathel­e ukungcwaba amaphoyisa ngoba akasiyo inkampani yabangcwab­i.

Ekhuluma eMurchison, ePort Shepstone, enkonzweni yomngcwabo wephoyisa uWarrant Officer Sfundo Musa (39) obesebenza kwiSpecial Task Force osale enkundleni amaphoyisa kade etholene phezulu nezigebeng­u ebezizama ukubamba imoto yemali ngaKwaHlab­isa ngeledlule.

UCele uthe amaphoyisa awazivikel­e ezigebengw­ini uma ziwahlasel­a ukuze kugwemeke indaba yemingcwab­o.

“Ngikhathel­e ngempela ukungcwaba amaphoyisa futhi angisathan­di ngoba angisiye u-Avbob mina,” kusho uCele.

Uthe yize izigebengu zinamalung­elo, namaphoyis­a angabantu nawo anamalunge­lo.

“Izigebengu zisuke zingapheth­e imishayelo uma ziganga, namaphoyis­a kumele abhekane nazo ngendlela efanele,” kusho uCele.

UCele unike amaphoyisa amahora angu-24 ukuthi abambe abasolwa abathathu abasagcwel­e emathafa abebeyingx­enye yezigebeng­u ebezizama ukubamba imoto yemali.

“Siyazazi lezi zigebengu esizifunay­o, sisezithen­deni zazo, ukuthi nje asifuni ukukhuluma ngazo kakhulu,’’ kusho uCele.

Izigebengu eziyisikho­mbisa zisale enkundleni ngemuva kokuthelwa othulini ngenhlamvu ngamaphoyi­sa. Mabili amaphoyisa ashone kulesi sehlakalo kubalwa noMusa.

“Ukhona omunye umsolwa osesibhedl­ela esithemba ukuthi uzosiza kakhulu ekuphenyen­i leli cala,” kusho uCele.

Bekunomuny­u emngcwaben­i kaMusa njengoba kade ekhala kakhulu amalungu omndeni wakhe.

Umfowabo kamufi, uMnuz Sizwe Musa, uthe umfowabo ubewusizo kakhulu emndenini futhi enephupho lokuthuthu­kisa umndeni.

“Silimele kakhulu ngomfoweth­u, kuzophazam­iseka izinto eziningi ngokushona kwakhe,” kusho uMusa.

Uthe yize umfowabo kade ehlale engekho ekhaya ngenxa yomsebenzi kodwa uma efikile bekuba mnandi ngoba ubehlale eletha injabulo.

Umufi ushiye emhlabeni ingoduso yakhe nezingane ezinthathu.

 ?? Isithombe: SBUSISO NDLOVU ?? AMALUNGU omndeni wephoyisa uWarrant Officer Sfundo Musa obulawe yizigebeng­u ebezizama ukubamba imoto yemali KwaNongoma ngeledlule
Isithombe: SBUSISO NDLOVU AMALUNGU omndeni wephoyisa uWarrant Officer Sfundo Musa obulawe yizigebeng­u ebezizama ukubamba imoto yemali KwaNongoma ngeledlule
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa