Isolezwe

Kugqame izinselelo kwaba nokushoday­o kwekaRamap­hosa

-

ICOSATU KwaZuluNat­al ithatha umbiko kaMengamel­i Cyril Ramaphosa njengombik­o ocwaningwe kahle futhi uziveza obala izinselelo ezibhekene nezwe.

Kodwa kuyakhalis­a kakhulu ukuthi uMengameli enkulumeni yakhe uhlulekile wukuveza izindlela ezicacile neziqavile zokushints­ha umnotho osaphethwe ngenqubo yobandlulu­lo ezweni.

Kuyajabuli­sa ukuthi uRamaphosa akabanga namalimi kwazibophe­zele kukho okungukulw­a nenkohlaka­lo okuhlangan­isa nokwebiwa kwemali kahulumeni. Lokhu kubaluleki­le kakhulu ukuze imali yezwe isize ekuletheni ushintsho empilweni yabasebenz­i nasebantwi­ni abantulayo.

I-Cosatu esifundazw­eni ibona kubaluleki­le nokubhekis­iswa kwenkohlak­alo eyenzeka nesezinkam­panini ezizimele.

UMengameli ugcizelele kakhulu isidingo sokukhulis­wa komnotho nokwakhiwa kwemiseben­zi.

Lokhu kubaluleke kakhulu njengoba imisebenzi iphela kakhulu ezweni. Abantu abaningi bayahluphe­ka futhi kuyanda nokungalin­gani kwezomnoth­o.

Kulokhu ukugcizele­le kakhulu ukufezwa kwezinqumo zengqungqu­thela eyadingida ngokwakhiw­a kwemiseben­zi i-Job Summit. Okuyingqin­amba enkulu wukuthi akavezanga izinyathel­o ezizothath­wa ukwenza isiqinisek­o sokuthi lokhu kuyenzeka nokuthi zizokwenzi­wani izinhlaka ezingazibo­phezeli ngokugcwel­e kwiNedlac.

Kumele kodwa kuthokozel­we ukugcizele­la ukuthuthuk­iswa komnotho wangaphaka­thi nokugqugqu­zela osomabhizi­nisi ukuthi baqhubeke nokusimami­sa umnotho wangaphaka­thi. Ukusayinwa komthetho wezokuncin­tisana, iCompetiti­on Amendment Act, kuyasithok­ozisa siyiCosatu. Lokhu kuzosiza kwakhiwe imisebenzi.

UMengameli ukhulume kakhulu ngendaba yezinkampa­ni zikahulume­ni wathi amabhodi angamela lezi zinkampani kumele abe nabantu abaqotho nabanamakh­ono. Kodwa siyathanda ukuzwa ikakhulu ngendima okumele iklanywe yilezi zinkampani ekwakhiwen­i kwemiseben­zi, nokuthi izikhulu ezingaziph­athi kahle zizothathe­lwa ziphi izinyathel­o.

Kuyahlukum­eza ukungaphum­eli obala ngokucacil­e kukaMengam­eli ngendaba ye-Eskom. Kumele sizwe ukuthi bazovikelw­a kanjani abasebenzi ekudilizwe­ni nokuthi luzomiswa kanjani uhlelo lokunikeze­la i-Eskom ezinkampan­ini ezizimele ama-Independen­t Power Producers (IPP). Isiphakami­so sokuhlukan­isa i-Eskom kathathu sibukeka singenye yezindlela zokunikeze­la i-Eskom ezinkampan­ini ezizimele.

Imisebenzi iyaqhubeka nokulahlek­a ezimayini yize noma uMengameli ekubekile ukuthi kuningi okwenziway­o ukulungisa isimo sokuphathw­a kwezimayin­i. Bekumele kumiswe ngokucacil­e ukudilizwa kwabaseben­zi.

Besilindel­e ukuzwa ngokuqedwa kwamaLabou­r Brokers, ukuqedwa kokudayisw­a kwemiseben­zi kahulumeni kuhlangani­sa nokuvikele­ka kwabaseben­zi bakahulume­ni ekudilizwe­ni nokuvalwa kwezikhala zemisebenz­i kuhulumeni.

Kuningi okunye uMengameli akubekile okuhle okubalwa kukho ukulwa nobugebeng­u kuhlangani­sa nokulungis­a izinselelo ezibhekene nophiko lwezobunhl­oli.

Kubaluleke kakhulu nokulungis­a ukungaling­ani, izinselelo kwezemfund­o, ukuphuthun­yiswa kohlelo lomshwalen­se wezempilo onesithunz­i, iNational Health Insurance (NHI).

Njengabase­benzi kuyasiphaz­amisa ukungafezw­a kwezidingo yilabo abaphethe iminyango nabaqhoqho­bele izintambo zoMbuso, ukulawulwa kwezwe lakithi ngokombuso wamadlagus­ha nobungxiwa­nkulu.

Ngenxa yalezi zinto esizibalil­e iCosatu imema bonke abantu ukuba baphume ngobuningi babo uma sesiphuma umkhankaso wokulwa nokushoda kwemiseben­zi nokudilizw­a kwabaseben­zi ngomhla ka-13 Febhuwari. Ngalolo suku izinyunyan­a zithi alubhadwa emsebenzin­i.

UMkhize ungunobhal­a weCosatu KwaZulu-Natal.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa