Isolezwe

Umthetho awukho eMzansi yikho uBhushiri esebenza la

-

MHLELI: Into engikhuphu­lela ushulela wami yilo mkhuba wabantu baseMzansi. Kanti ngempela kwakhala nyonini ezingqondw­eni zethu? Kwenziwa yini singafundi emaphuthen­i esiwenzile phambilini? Ukuthanda izinto okwakwenze­njani lokhu okuze kusivale nengqondo?

Kukangaki siwakwa abantu, ikakhuluka­zi bakwamanye amazwe? Futhi angibasoli njengoba besitshela ukuthi siyiziwula.

Kuke kwafika umuntu noma kwezwakala ukuthi kunomshuma­yeli ndawana thize siyabhuza siye khona. Kwafika into noma umuntu wathi ukwazi ukukwandis­ela imali yakho, sibhuza siye khona.

Ake ngikuyeke nje okuningi. Okudala ukuthi ngikhulume ngokusha kwalo muntu ozibiza ngomphrofe­thi uSheperd Bhushiri (osesithomb­eni). Lo muntu abamfuni ezweni lakhe eMalawi ngenxa yemisebenz­i yakhe emimbi kodwa lana uyinkosi.

Ake uzibuze umbuzo wokuqala othi yini indaba angasebenz­i ngakubo lo muntu? Impendulo isobala. Yaziwa e-Afrika yonkana. Eyokuthi eMzansi kugcwele othathekil­e, nomthetho awukho, yingakho noma ubani ocabanga ukwenza imali kuleli zwekazi laseAfrika eyaye abone kuyila eMzansi lapho engenza khona imali. Ngeke ubabone beya kulawa amanye amazwe alana ngoba akubhediwe khona. . UBhushiri bathi abamfuni nokumbona eMalawi, lana baze bamtoyitoy­ele.

Ngicabanga ukuthi saqalekisw­a ngokuba othathekil­e njengoba sesingasaw­afuni namasiko ethu agcina okhokho bethu kwaze kwagcina kuqhamuke thina kodwa sesiwabuke­la phansi. ,

Ngicela wazi ukuthi uma ubukela phansi isiko lakho uzibukela phansi wena uqobo ngoba ukuba lalingekho isiko ngabe nawe awukho. Okufike kube kubi kakhulu ukuthi wena uzoliyeka usiko ungabi nalutho ngoba abangapham­bili babelwenza. Abantu okuyobabhe­dela yisizukulw­ane sakho. Siyaye sibezwe sebethi mina ngikhule ekhaya zingenziwa lezi zinto. Saze saqalekisw­a emhlabeni ngokuba othathekil­e! A D Nhlangulel­a EMLAZA

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa