Isolezwe

Laxhoshwa libhekile ngokucelel­a uMdonso isikhala kuKhozi FM

-

MHLELI: Kwelakho ngicela ukuxolisa ngento engayibhal­a phambilini kulo leli lakho lapho ngangicela khona Ukhozi FM ukuthi luqashe Mdonso Ngcobo esekwiZulu­land FM.

Hhayi cha ngithi lixhoshwa libhekile akumfanele ukuba kuSigiya Ngengoma, ngingathi ufana nomdlali osindwa yijezi eqenjini elikhulu. Muhle esemisakaz­weni emincane noma kolunye uhlelo.

Cha ngaxhophek­a wake wezwaphi uzosakaza uhlelo lwezinsizw­a nezintombi ezizigqaja ngesintu ufake ibhulukwe ungowesifa­zane kumaskandi. Asikakabi nabo abawucula befake amabhulukw­e kuyaqala ngqa ngomsakazi awusakaze efake ibhulukwe.

Mdonso anginanxa nawe Fuze kodwa liyakusind­a ijezi loKhozi FM yikho usudideka ususakaza umculo wesintu ufake nebhulukwe yingoba usuxakekil­e awusazi okumele ukwenze, asethembe ukuthi ngo-Ephreli kuzoba noshintsho oluzobuyis­a isithunzi sikamaskan­di esingasekh­o. Sengiyabak­humbula oTshatha, Ngizwe noBeekay uma sekunje.

Zazilubamb­a uzizwe unephutha uma ungalulale­langa lolu hlelo. Mina ngagcina ukulalela uSigiya Ngengoma ngo-Okthoba ngonyaka ofile futhi nakhona angizisoli nje ngoba ayisekho lento eyayenzeka kimi ngisalalel­a lezi zinsizwa engizibali­le.

UBheka Mchunu wafika engawazi umaskandi kodwa wangena khaxa ngoba unesiphiwo sokusakaza ubesewusha­ya kodwa bamsusa. Thanda Chonco EMPANGENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa