Baklonyeliswe izinkulungwane ngodoti
BAPHUME behleka bodwa othisha nabafundi baseKuthuleni Primary ngemuva kokuhlomula uR53 000, emcintiswaneni wakwaCoca Cola Beverages South Africa (CCBSA) ngoLwesihlanu. Umncintiswano bekungowezikole eziqoqa izinto ezilahliwe emphakathini yazo, ngoLwesihlanu.
Lesi sikole sekuphele iminyaka emine siziqwaqwada zonke izikole ezisuke zingenele lo mncintiswano kuleli.
UNkk Nokuthula Simelane onguthisha ogqugquzela abafundi ukuthi banakekele imvelo ngokuqoqa izigubhu, amabhodlela, amathini namaphepha alahlwe budlabha bawalethe esikoleni, uthe lolu hlelo luholele ekutheni iCCBSA ibathuthukisele ingqalasisinda yabo. Ngalokhu uthe abazali abaningi sebefundisa izingane esikoleni sabo.
“Sinenkundla yebhola lomphebezo nezinsiza zokufunda. Sinabafundi abaphuma ezindaweni ezehlukene abadonswa izinsiza kufunda esinazo. Lokhu kusenza sizimisele, senyuse isibalo yamathani kadoti esiwaqoqile, unyaka nonyaka,” kusho uNkk Simelane.
Uthe yize ehola lolu hlelo esikoleni kodwa othisha afundisa nabo, abazali nabafundi bayamsiza ukuqhamuka namasu azokwenza baqoqe udoti omningi.
“Ngesikhathi kuneComrades Marathon nyakenye sasicosha amabhodlela namaplastiki. Ngomjaho wamahhashi, iDurban July sasikhona singayile kongcebeleka, siyocosha udoti,” kusho yena.
Uthe banendlela yokukhuthaza abafundi ukuthi baqoqe imfucuza eningi ngokwenza imiqhudelwano yangaphakathi.
“Kwesinye isikhathi siye sithi umfundi oqoqe udoti omningi kuleyo nyanga simthengela izicathulo noma umfaniswano wesikole, lokho kuyabakhuthaza abafundi,” kusho uNkk Simelane.
UMnuz Lebogang Tlomatsane imenenja yokuthuthukiswa komphakathi kwaCCBSA, uthe umcintiswano akuwona owokuqhudelana ngenani likadoti oqoqwe yizikole kodwa yindlela inkampani ezama ngayo ukuvikela imvelo.
“Kulo nyaka sibeke isikalo samathani kadoti angu-2672 okumele aqoqwe. Izikole uma zingenyusa udoti eziwuqoqe nyakenye ngo-15% sizosihlanganisa lesi sikalo,” kusho yena.
Uthishanhloko waseQinisweni Primary uMnuz Thembizwi Msomi uthe bajabule ngemiklomelo ngoba izosiza ekuthuthukiseni isikole. IQinisweni iklonyeliswe ngoR32 000.
“Le mali izosisiza sakhe umpheme wokukhosela lapho abafundi nothisha bethandazela khona. UMsomi uveze ukuthi basebenzisane nomphakathi namakhansela, abezitolo nabanikazi bezindawo zokucima ukoma.
Umphathi wabahloli esekethini iMafukuzela Ghandi, uMnuz Siyabonga Lushozi, uthe lo mcintiswano ufundisa abafundi indlela okumele baphile ngayo ngisho bengasebona abafundi.