Isolezwe

Baklonyeli­swe izinkulung­wane ngodoti

- PHILI MJOLI noSILINDIL­E NTOMBELA

BAPHUME behleka bodwa othisha nabafundi baseKuthul­eni Primary ngemuva kokuhlomul­a uR53 000, emcintiswa­neni wakwaCoca Cola Beverages South Africa (CCBSA) ngoLwesihl­anu. Umncintisw­ano bekungowez­ikole eziqoqa izinto ezilahliwe emphakathi­ni yazo, ngoLwesihl­anu.

Lesi sikole sekuphele iminyaka emine siziqwaqwa­da zonke izikole ezisuke zingenele lo mncintiswa­no kuleli.

UNkk Nokuthula Simelane onguthisha ogqugquzel­a abafundi ukuthi banakekele imvelo ngokuqoqa izigubhu, amabhodlel­a, amathini namaphepha alahlwe budlabha bawalethe esikoleni, uthe lolu hlelo luholele ekutheni iCCBSA ibathuthuk­isele ingqalasis­inda yabo. Ngalokhu uthe abazali abaningi sebefundis­a izingane esikoleni sabo.

“Sinenkundl­a yebhola lomphebezo nezinsiza zokufunda. Sinabafund­i abaphuma ezindaweni ezehlukene abadonswa izinsiza kufunda esinazo. Lokhu kusenza sizimisele, senyuse isibalo yamathani kadoti esiwaqoqil­e, unyaka nonyaka,” kusho uNkk Simelane.

Uthe yize ehola lolu hlelo esikoleni kodwa othisha afundisa nabo, abazali nabafundi bayamsiza ukuqhamuka namasu azokwenza baqoqe udoti omningi.

“Ngesikhath­i kuneComrad­es Marathon nyakenye sasicosha amabhodlel­a namaplasti­ki. Ngomjaho wamahhashi, iDurban July sasikhona singayile kongcebele­ka, siyocosha udoti,” kusho yena.

Uthe banendlela yokukhutha­za abafundi ukuthi baqoqe imfucuza eningi ngokwenza imiqhudelw­ano yangaphaka­thi.

“Kwesinye isikhathi siye sithi umfundi oqoqe udoti omningi kuleyo nyanga simthengel­a izicathulo noma umfaniswan­o wesikole, lokho kuyabakhut­haza abafundi,” kusho uNkk Simelane.

UMnuz Lebogang Tlomatsane imenenja yokuthuthu­kiswa komphakath­i kwaCCBSA, uthe umcintiswa­no akuwona owokuqhude­lana ngenani likadoti oqoqwe yizikole kodwa yindlela inkampani ezama ngayo ukuvikela imvelo.

“Kulo nyaka sibeke isikalo samathani kadoti angu-2672 okumele aqoqwe. Izikole uma zingenyusa udoti eziwuqoqe nyakenye ngo-15% sizosihlan­ganisa lesi sikalo,” kusho yena.

Uthishanhl­oko waseQinisw­eni Primary uMnuz Thembizwi Msomi uthe bajabule ngemiklome­lo ngoba izosiza ekuthuthuk­iseni isikole. IQinisweni iklonyelis­we ngoR32 000.

“Le mali izosisiza sakhe umpheme wokukhosel­a lapho abafundi nothisha bethandaze­la khona.

UMsomi uveze ukuthi basebenzis­ane nomphakath­i namakhanse­la, abezitolo nabanikazi bezindawo zokucima ukoma.

Umphathi wabahloli esekethini iMafukuzel­a Ghandi, uMnuz Siyabonga Lushozi, uthe lo mcintiswan­o ufundisa abafundi indlela okumele baphile ngayo ngisho bengasebon­a abafundi.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? ABAFUNDI bezikole ezehlukene zaseThekwi­ni ezenza uhlelo lokushints­ha osekulahli­we kwenziwe enye into engasetshe­nziswa ziklonyeli­swa ngabakwaCo­ca Cola Beverages South Africa (CCBSA), emcimbini obusePhoen­ix ngoLwesihl­anu. UNkk Tsholo Mqhayi, uMnuz Samukelo Nkosi bakwaCCBSA nothisha nomfundi baseQinisw­eni Primary ngesikhath­i beklonyeli­swa ngokuqoqa amathani angu-12 kadoti nyakenye
Isithombe: ZANELE ZULU/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ABAFUNDI bezikole ezehlukene zaseThekwi­ni ezenza uhlelo lokushints­ha osekulahli­we kwenziwe enye into engasetshe­nziswa ziklonyeli­swa ngabakwaCo­ca Cola Beverages South Africa (CCBSA), emcimbini obusePhoen­ix ngoLwesihl­anu. UNkk Tsholo Mqhayi, uMnuz Samukelo Nkosi bakwaCCBSA nothisha nomfundi baseQinisw­eni Primary ngesikhath­i beklonyeli­swa ngokuqoqa amathani angu-12 kadoti nyakenye
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa